
Mhleli
Umndeni wakwa Dlamini nowaka Ndabeni badlulisa ukubonga ebandleni lase Luthela (Rev CS Ndlovu), kanye namanye amabandla, omakhelwane, kanjalo nezikole ezingomakhelwane, ngokusisekela ekufihleni umzukulu wethu uBuleleni Ndabeni.
Enikwenze kithi nikwenze nakwabanye, uNkulunkulu anibusise.
Sithanda nokudlulisa okukhulu ukubonga kwiElite Group lapho kusebenza khona undodakazi, sidlulisa nokukhulu ukubonga ekhanseleni laka Ward 4, uCllr Melusi Xaba owasixhasa.
Siphinde sidlulise okubonga kwabaka Ceza, uLundi, Newcastle, Ladysmith kanye nase Malonjeni.
Ozithobayo Mnu MJ Dlamini (umkhulu kaBulelani)
At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!



