
Mhleli
Sekukaningi kubikwa ngezigameko ezenzeka kudlukhalo lwamasonto (church sites)eSibongile elokishini lase France.
Kunesakhiwo sesonto elingaphelanga ukwakhiwa selinesikhathi eside lingapheli, seliphenduke isidleke sezinswelaboya nobugebengu. Kubanjwa inkunzi, kudlwengulwa abesifazane, siphucwa igilosa nama foni emini ka “bha”. Kunowesifazane owabanjwa walimazwa, udabalakhe lwabikwa ekhanseleni lika Ward 4 elisasemandleni ngonyaka odlule, kungaka ngeni amakhansela amasha.
Lafika kulowomuzi nowesifazane walichaza udaba ikhansela lathembisa ukuthi lizolulandelela loludaba, kodwa kuze kube imanje kucwebe isiziba. Namaphiyisa angenelela okwesikhashana azungeza endaweni kodwa manje asisawaboni. Besisacela abasemandleni basisize, ngoba uma sizithathela thina umthetho ngezandla, uzobe usuwabona amaphoyisa siboshwe.
Okhathazekile isakhamuzi
Themba J Thwala (072 894 9992)



