
Mhleli
Egameni lamakomiti amawadi ngindlulisa ukubonga ku Mama uSomlomo womkhandlu wase Ndumeni, uBongiwe Mbatha ngokwamukela isicelo sethi sokukhushulelwa imali njengamawadi komiti.
Sithi ume njalo, ungadinwa nango muso. usibongele nase mkhandlwini.
Kepha- ke sicela nisikhuzele umkhuba omubi owenziwa izisebenzi zomkhandlu ezishiya amahhovisi azo zithuthuleke ngobuningi zizobangisana nathi ukudla kwethu uma kunama -Workshop.
Lokukudla kusuke kwenzelwe amakomiti amawadi, hhayi izisebenzi zomkhandlu ezinomhawu. Ukusidelela okuxakile ngempela lokhu futhi kuhambisana nobugovu nomona. Imali ethenga lokudla iqondene nathi. Angazi nezikhulu zika Masipala ezibakhona kuma- workshop ukuthi zithula zithini ngalomkhuba omubu kangaka ngoba ziyawubona, okunye ukudla kuphelela ezimotweni zezikhulu.
Ilunga le- Ward Committee elikhathazekile



