
Mhleli
Ngithi angithathe leli thuba kengizwakalise uvo lwami. Ngesenzo esenziwa ilabo esingababiza ngaba vimbi benqubekela phambili, kwizifiso zomphakathi. Ngiyavuma kukhona amalunga omphakathi angeneme ngohlelo oluqhubekayo kudaba lwase Farm Doctor.
Kepha besisohlelweni lokusondeza abomnyango ukuze bachaze kabanzi. Okungiphatha kabi ukuthi bese bekhuluma izinto abanganazi qiniseko ngazo. “Ngithi angilixwayise lelilungu noma lawo malunga mbumbulu ngelinye ilanga nizozithola nibhekene nabengalo yomthetho”. Ngokugxoba amalungelo abanye abantu, khulani bantu bakithi ningathi uma nishiswa okunishisayo bese nikhuluma izinto eningazazi.
Nina nanikuphi uma nanihlala khona kungani ningazivezi amagama enu?
Kwalelo komide enikhuluma ngalo lakhethwa umphakathi wase Farm Doctor uma nanikhona naningakuphikisi ngani ngesikhathi likhethwa?
Umphakathi wase Farm Doctor ngeke udlale nina ngoba nakhu nishiswa okunishisayo. Ngihlekiswa nayingoba ubuye ufake oNdayingana ngoba uNdayinga kwakuyipulazi lika Mr Smith, akuhlangane nje lokhu akushoyo niboke nibuze uma ningazi ningakhulumi izinto eningazazi sekuze kungenze ngisole ukuthi nafika senibadala. Sengivala ngoba nezwa, unobuza abaziyo.
Siphinde sikhumbuzane ukuthi kukhona abaphuca abomnyango ama-file, kuyimanje bayakhala abantu ukuthi bagcina bengabhalisanga futhi bayasho ukuthi bangakumela lokho, uma kudingeka.
Ozithobayo: Ilunga lomphakathi elikhathazekile
Wandile Ngcobo: 076 236 3290



