LettersOpinion

Kuyoze kubenini sikhala njengomphakathi waseNdumeni

Sifuna nombiko ogcwele kuMM ngeSkills Audit abayenza. Asinakuphula ubulungiswa bungakenziwa

Mhleli
Sekwanele manje makhansela nezimenja zomkhandlu wasendumeni niseyise nidlala ngokulunga kwethu.

Ungafunga ukuthi kuloMkhandlu kuseshibhini noma ebhareni lapho nizenzela umathanda ningalandeli migomo namthetho umaniqasha, nikhipha amathenda, nimisa izimenenja, nibamba imihlangano, ekuletheni izinsiza nentuthuko emphakathini.

Ngoba siyizilima esezibizwa ngamaphara umasesibhikishela izidingo zethu.Sifuna nizochazela ngebhajethi eniyiphasisile ingezanga kuzilima eziyithi. Nokuthi ubani okhokhela izindleko zezimenenja ebezimisiwe nebezingamabamba, nabasebenzi abaqashwe kweqiwa ezingeni elibekiwe nezenkampani yama-security.

Sifuna nombiko ogcwele kuMM ngeSkills Audit abayenza. Asinakuphula ubulungiswa bungakenziwa.
Obhalile nguSifunukwazi

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button