
Mheli – Njengeqembu le-Nkatha Freedom Party (IFP) sikhathazekile kakhulu ngodaba lokuthengwa kwemoto yanokusho yaSodolobha uMnz Sduduzo Mdluli.
Okokuqala akuzange kube nesiqumo esiphuma emkhandlwini sokuthengwa kwalemonto. Sibone nje ngoSodolobha esehamba ngonyanyavu lwe Land Rover Discovery. Okudidayo ukuthi sazizwa ukuthi umkhandlu awunamali kodwa imali yokuthenga imoto yanokusho ikhona?
Iqembu le-IFP kade laphuma emkhandlwini kodwa inhlangano ebusayo ihlezi ithi ayikhoni ukunyakaza ngoba iIFP yadla imali ingakho ingekho inqubela phambili. Kuyadlalwa ngemali yabakhokhi bentela, i-ANC ayiyeke ukukhohlisa abantu bakhohliseke nabo.
Okunye engifisa ukudlula kukhona iloludaba lokubiyelwa kwamathuna eSithembile esizwe ukuthi kuzobiza izigidi zemali engango R24 000 000. Kanti lamathuna azobiyelwa nge aluminium yini.
Siyazibuza ukuthi into enjena ithini, bekungeke kuthathwe lemali kwakhelwe abantu base Dlamini izindlu. Akuqalwe ngezinto ezibalulekile kuqala njengokuthuthukisa abantu base Ndumeni.
Okhulumela Inkatha Freedom Party – Xolani Msizane

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za. Add us on WhatsApp 071 277 1394.



