LettersOpinion

kunokungahambi kahle kwabathole isinxaphazelo sase-Farm Doctor

Sisohlelweni lokulwela abangayizuzanga ngokweqiniso maduze

Mhleli
Ngithi angithathe lelithuba kengedlulise umuzwa wami njengelunga lomphakathi, noyisizukulwane sabanye babantu abahlukumezeka ngesikhathi sencindezelo.
Cha ngale kokumosha isikhathi ngithi angizwakalise ukubongela abazuzile kwesinxaphazelo sase Farm Doctor obese kuthathe iminyaka silulwa nokho siyababongela.
Sibonga ikakhulu labo abazuze ngokuliqiniso, bese ngixwayisa labo abazuze ngokungeyikho ukuthi bangayidli bayiqede leyomali ngoba basazoyikhokha.
Sisohlelweni lokulwela abangayizuzanga ngokweqiniso maduze.
Uma kumele babhekane
nabengalo yomthetho
sikulungele ukubhekana
nanoma ngabe yini eyobe iyizinqinamba.
Sengivala ngifisa ukudlulisa ukubonga kwiphephandaba lethu ngobudlelwano esibe nabo kuyoyonke leminyaka.
Ngicela ukuthi lingadinwa yithi siphinde sisebenzisane kahle ukuphothula loluhambo.
uWandile Ngcobo, 
eSibongile


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button