LettersOpinion

Isikompilo ukuntshontshwa kwemali yomphakathi kuMasipala waseNdumeni

Buphi ubulungiswa makhansela kaKhongolose ophethe uMkhandlu na?

Mhehli
Okokuqala, ukuphatha budedengu kwazo ngezinhlelo ze irregular and fruitless expenditure nama deviations. Kepha akukaze kwaboshwa muntu kuleminyaka engu 25.
Okwesibili, izimenenja ezimisiwe zibe zihola zihleli emakhaya izinyanga, neminyaka; zigcine zibuyiselwe emsebenzini umphakathi ungaziswa lutho.
Okwesithathu, ukuqashwa kwezinye zezimenenja ezinganamakhono kanye nabekade bengamakhansela kuze kweqe enanini elifanele ku organogram. Zonke lezi izindlela zokuntshontsha imali yomphakathi. Yonke lemali entshontshwa kanjena iyobuyiswa kanjani, futhi nini?
Noma ke indlela yokuvimba uMkhandlu ingawukunyusela izakhamuzi ama rates, nogesi nokunye? Buphi ubulungiswa makhansela kaKhongolose ophethe uMkhandlu na?
Ibhalwe ilunga lomphakathi
PS:
Kungani uMkhandlu ungahlangabezani nomphakathi ukwehlisa ama rates ngalesi sikhathi se Covid-19 ngemali ezigidigidi efakwe uhulumeni?


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button