Idingide umqulu wamandla i-ANC
Babambe imbizo yezepolitiki eTolomane Mnyayiza Rijini.
BEKUPHUME nesinedolo emhlanganweni we-ANC eTolomane Mnyayiza Region (TMR) obubanjelwe ehholo, ePort Shepstone Civic Centre ngeSonto ekuseni.
Lena bekuyimbizo yezepolitiki yabaholi be-ANC, yokulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya okulindeleke ukuthi lube ngoNovemba 2026 noma ekuqaleni kuka 2027.
Abaholi be-ANC besikhashana berijini, abesifundazwe, nabakazwelonke bahlangane nabamagatsha. USihlahlalo obambile eTMR uDixie Nciki uthe banezizathu zokuhlangana, ngoba ngonyaka owedlule bashayekile okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe.
“Sihlangane ngokuvuselela i-ANC, sibuke nokuthi sinawo yini amagatsha. Asiqede ukwahlukana kwi-ANC, sibumbane sibe yimbumba, sihambe siyonqoba ukhetho lwangonyaka ozayo. Asizithobe ebantwini sibalethele izidingo zentuthuko, sibeke bona phambili. Asisebenze sishintshe lowa 17% esawuthola eKZN. Sicela babuyele ekhaya abasishiya ukuze sisebenze sonke,” kusho uNciki.
USekela Sihlalo we-ANC obambile eTMR, uMondli Chiliza uthe ukugcwala kwehholo kusho ukuphila kwe-ANC oGwini. “Asiqhubekeni sikhulume kahle nge-ANC emphakathini. Asilande bonke abasishiya, sibacele babuyele ekhaya kwi-ANC,” kusho uChiliza.
Ilunga lobuholi besikhashana be-ANC eKZN nelijutshwe oGwini, uSuper Zuma uthe: “Yi-ANC eyakhulula izwe, sidinga ukubumbana, sivuselelane onembeza, sakhe i-ANC eqinile nezonqoba ukhetho. Mina nginguZuma we-ANC, oyaziyo i-ANC ukuthi yasungulelwa ukubumba bonke abantu.”
USihlalo we-ANC wesikhashana eKZN, uJeff Radebe uqale ngokuncoma amalunga e-ANC aphume agcwalisa ihholo phama.
“I-ANC iyaphile oGwini, iyodwa inselelo ekhona eyokujoyinisa nezinye izinhlangano nazo zimeleleke kwi-ANC, ngoba i-ANC yasungulelwa ukubumba zonke izizwe. Asisho nje i-ANC yehlulwa okhethweni ngonyaka owedlule ngoba yathola 39,9% wamavoti noma 40%. Sathola 17% eKZN nokuyinto eyayiqala ukwenzeka ngoba besijwayele ukuthola 94% kusukela kwaqala ukuvota ngo 1994,” esho.
URadebe uthe: “I-MK Party yathola 45% eKZN, bonke labo bantu bebejwayele ukuvotela i-ANC. NgoDisemba siya emhlanganweni iNational General Council (NGC). Siyodingida umqulu esiya ngawo ekunqobeni ukhetho,” kusho uRadebe.
Ilunga lobuholi bukazwelonke be-ANC, uBheki Cele unxuse abe-ANC ukuthi bavuselele onembeza babo, wase ethula umqulu wabo wokunqoba.
“Lo mqulu kumele amagatsha e-ANC awudingide, aphinde ayowudingida nakuzwelonke ngoDisemba. Asikhulume ipolitiki sibe nemihabulo yokuqonda i-ANC,” kusho uCele.
UNobhala obambile eTMR, uNkazimulo Mavundla uthe sebeqalile balungisa amagatsaha futhi bavakashela nomphakathi namakhosi ngenhloso yokuqinisa i-ANC oGwini nezinhlelo zenthuthuko.
Beka umbono. BEKA UMBONO WAKHO
Funda i-Eyethu Ugu, usilandele ekhasini likaFacebook page, usilandele kuTwitter naku Instagram.
