Local news

Kukhonye iGcilima Primary kweyezikole

Idle ubhedu iGcilima Primary.

BEKUSIPHUKA izidingi enkundleni yezemidlalo eJabavu Sports Ground eGcilima ngoMgqibelo zingu 29 kuJulayi.

Lapha bekudlalwa imidlalo yezingane zezikolo zamazinga aphansi. Le midlalo ebihlelwe uMnuz Sibusiso Reon Mendu ibizwa ngokuthi yiMendu Primary School Soccer Tournament kanti beyikhona nemidlalo yebhola lomnqakiswano.

Umhleli walemidlalo uMnuz Mendu uthe usungule le midlalo ebizwa ngokuthi yiMendu Primary School Soccer Tournament ngenhloso yokuthuthukisa ibhola lezinyawo lezingane zasemakhuya eGcilima.

“Sifuna ukuthi izingane zangakithi zifane nezingane zasemadolobheni ezinezindawo namathuba okuzithuthukisa ezanele. Le zingane sifuna
zikhule zithanda ukufunda kanye nokudlala imidlalo ukuze zingazihlanganisi nezidakamizwa nokulwa ezikoleni. Ngalemidlalo sifuna izingane zikwazi ukuziphatha kahle esikoleni zigxile ezifundweni zazo nasemidlwalweni eyahlukene, ikakhulu ibhola lezinyawo,” kusho uMendu

Abagqugquzeli bemidlalo yezingane zezikole zamabanga aphansi eGcilima beneMeya yasoGwini engeyesithatku kwesobunxele uMnuz Sibusiso Mqadi enkundleni yezemidlalo eGcilima.

UMnuz Mendu uthe ziyishumi izikole zamabanga abaphansi ezibambe iqhaza kulemidlalo. “Izingane kumele zazi ukuthi ziya esikoleni ukuyofunda nokudlala ibhola lezinyawo. Isikole esinqobile sithole ijezi lebhola, indebe namamedali kanye namabhola amathathu ebhola lezinyawo, Isikole esiphume indawo yesibili naso sithole amabhola amathathu ebhola lezinyawo kanye namamedali. Isikole esiphume indawo yesithathu sithole amabhola amabili ebhola lezinyawo, ” kusho uMendu.

UMnuz Mendu uthe le midlo yebhola lezinyawo inqotshwe yiGcilima Primary ngamagoli amathathu eqandeni iquqisa iDlukulwane Primary. “I-Gcilima Primary idle iDlukulwane Primary ngo 3-0. IGcilima Primary imuke naso kanjalo ke isicoco salemidlalo yomkhumula jezi,” kusho uMendu.

UMendu uthe kube nomklomelo womdlali ohambe phambili, umklomelo womdlali osemncane nodlale kahle kakhulu kanye nomklomelo kathisha obe umqeqeshi osezingeni eliphezulu kulemidlalo. “Sibonge kubaxhasi iMarburg Sweets, GoldenGlo, Dip Spar, Saverite Supermarket, Sod”elihle Printing and Brandz,” esho.

Le midlalo beyihanjelwe nayiMeya kamasipala wesiFunda Ugu, uSikhumbuzo ‘Zero’ Mqadi naye ongowaseGcilima. UMeya uMqadi ugqugquzele izingane ukuthi zidlale imidlalo eyahlukene ngoba ngayo zingakwazi ukuziphilisa uma sezikhulile.

Izingane zesikole iGcilima Primary ezibe ompetha beMendu Primary School Soccer Tournament neziguqise iDlukulwane Primary ngo 3-0 enkundleni yezemidlao yaseJabavu ngoMgqibelo.

HAVE YOUR SAY

Like the South Coast Herald’s Facebook page, follow us on Twitter and Instagram

Back to top button