Local news

Umhlukumeza kuFacebook oyisela

UShezi uthe usizo lokuphuma kulomuntu ontshontshe imininingwane yakhe wavula ngayo i-akhawunti kaFacebook athuka kuwo abantu emhlabeni wonke.

UBHEKENE nenkinga yomuntu ozeznza yena kuFacebook uNksz Slindile Shezi waKwaNomakhanzana eMthwalume ngaseMzumbe oGwini lwesiFundazwe saKwaZulu Natal, UShezi uthi lomuntu uthuka abantu kuFacebook kwi-akhawunti ayivule ngemininingwane yakhe nokwenza abantu bazitshele ukuthi bathukwa nguye.

UNksz Slindile Shezi waKwaNomakhanzana eMthwalume ngaseMzumbe ohlukunyezwa ontshontshe ubuso bakhe wabufaka kuFacebook nothuka abantu ngabo.


UShezi uthe usizo lokuphuma kulomuntu ontshontshe imininingwane yakhe wavula ngayo i-akhawunti kaFacebook athuka kuwo abantu emhlabeni wonke. UShezi uthe lesigebengu sisebenzisa ubuso bakhe nemininingwane yakhe yonke kuFacebook simxabanisa nomphakathi ozitshela ukuthi nguye lo owuthukayo kanti yiso lesigebengu ngoba sizenza yena kuFacebook.
“Ngifisa ukwazisa umphakathi wonke ukuthi akumina lona obathukayo nosebenzisa leya akhawunti. Mina angikho nokubakhona kuFacebook anginawo. Ngethuka umnganami engivezela lento yenziwa yelesigebengu engingasazi, esisebenzisa imininigwane yami ukuhlukumenza umphakathi. Ngaya emaphoyiseni ngiyocela usiszo kodwa ngangasizakala. Manje sengibhala ephephandabeni ukuze ngazise wonke umphakathi ukuthi akusimina lowa osebenzisa leya akhawunti okufakwe kuyo ubuso bami nemininingwane yami lapho kuthukwa khona abantu,” kusho uShezi.
UPhindile uthe usesabela nempilo yakhe manje ngoba abantu bazitshela ukuthi nguye lona obathukayo kanti akazi lutho yena futhi uthe udinga usizo kakhulu oluzovimba lomuntu enza lento yokuthuka umphakathi esebenzisa yena.
“Angisazi ukuthi ngiyosizakala kanjani ukuthi iphele lento ayenzayo lomuntu, angazi yini engingayenza ngiyaludinga usizo kakhulu,

UNksz Slindile Shezi waKwaNomakhanzana eMthwalume ngaseMzumbe ohlukunyezwa ontshontshe ubuso bakhe wabufaka kuFacebook nothuka abantu ngabo.

HAVE YOUR SAY

Like the South Coast Herald’s Facebook page, follow us on Twitter and Instagram

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from South Coast Herald in Google News and Top Stories.

giniselandovela

Ginisile Ndovela works for Ugu Eyethu as an all-round journalist, with a strong focus on community issues. He takes up the cudgels on behalf of the those in need and is often seen as a voice for the voiceless. He covers all beats, including politics, crime, community and schools. Gini has previous experience in radio journalism, but loves the printed product. As a die-hard veteran in the field, there's no question he has ink in his veins. In recent times he has also contributed to the other titles, including the website.
Back to top button