Spar Superstars Eyethu Umlazi 2026

Primary School October
uAmahle Ngobo
Ndongeni Primary School
Isiqengqe
Read More
U-Amahle Ngcobo ofunda ibanga lesi-7 kwiklilasi-B. U-Amahle ungomunye wabafundi abenza kahle ezifundeni zakhe, kanti ubaqwaqwade bonke eklilasini lakhe.
Lona okaNgcobo udle ngenhlonipho yakhe emangalisayo. Kusukela wafika lapha esikoleni ulokhe waba ngumfundi oyedwa nje ohloniphayo, owenza umsebenzi wakhe ngendlela efanele kanti futhi ngesikhathi.
Kubuhlungu kuthina njengothisha njengoba sesingena esigabeni sokugcina sonyaka nabo kodwa ke minyaka yonke sihlale siba nabafundi abafuze laba abazinikela futhi abenze okungale kokufika esikole bafunde nje kodwa bayakwazi ukuthi nabo banikele ngesikhathi sabo ekutheni bafundise abanye abafundi lapho asala khona.
Wena kaFuze elihle Mashiya Amahle Engathi Azoshumayela sithi njengesikole ukhule njalo futhi ungayeki ukuzinikela emfundweni yakho ngoba ukuzinikela kuzala impumelelo.
uNkazimulo Ndlovu
Ndongeni Primary School
Inono elihlakaniphile
Read More
UNkazimulo Ndlovu ufunda ibanga lesi-7 iklilasi -A khona lapha eNdongeni Primary School. Lomfundi usenza sibuyelwe ithemba nathi njengothisha ukuthi isikole sethu sizohlale simelelekile nanom ikuphi lapho eya khona.
Kuyintokozo ukubona umfundi womuntu omnyama futhi ofunda esikoleni saselokishini esingenakho okuningi efunda ngokuzimisela futhi ephumelela ngamalenhiso.
UNkazimulo ukhazimule njengegama lakhe ngenkathi eqwaqwada bonke ozakwabo babafundi besilisa afunda nabo ibanga lesi-7 kule-term esiphuma kuyo.
Lona kaGatsheni ungumntwana ohloniphayo kanti futhi uyazithanda futhi uyinono esebenzini wakhe wesikole kanye nasemzimbeni siqu sakhe.
High School October
uSimthandile Chikiza
Shumayela High School
Umpetha weLife Science neTourism
Read More
Ngithanda ukuphakamisa uSimthandile Chiliza, ofunda eShumayela High School e-Umlazi Q Section, njengo-SPAR Superstar emkhakheni wezemfundo.
USimthandile ungumfundi ovelele futhi ubalwa phakathi kwabafundi abayishumi abahamba phambili ebangeni lakhe. Uvelele kakhulu ezifundweni ze-Tourism kanye ne-Life Sciences. Usebenza ngokuzikhandla ekilasini kanti futhi uphumelela ngamalengiso ezifundweni zakhe, uziphatha kahle ngenhlonipho, ukhombisa ukuzinikela emsebenzini wakhe wesikole kanye nokungavumeli izihibe zimuphazamise. Unothando olukhulu lokufunda, uqotho, futhi uhlale ekulungele ukusiza afunda nabo.
Ungumuntu othobekile futhi oyisibonelo esihle, ofakazela ukuthi ukusebenza kanzima nokuthobeka kuholela empumelelweni evelele. Ngempela uyakufaneleka ukuthola lokhu kuhlonishwa njengo-SPAR Superstar.
uThenjiswa Cele
Ekwazini High School
Isiqengqe esihloniphayo
Read More
UThenjiswa umntwana osebenza ngokuzikhandla kanti izifundo zakhe ziyakufakazela lokho.
Njengoba sibuya emaholidini ethemu yesithathu uThenjiswa ungomunye wabantwana abenza kahle kumabanga ahlukene alapha esikoleni.
Njengoba sekuphela unyaka siyamfisela inhlanhla ezifundweni zakhe azozibhala njengoba kuphela unyaka kanye nokuthi angashitshi ubuyena aqhubeke njalo ahloniphe othisha kanye nozakwabo.
1. Isizulu home: 84%
2. English FAL: 84%
3. Agricultural sciences:
91%
4. L.O: 95%
5. Mathematics: 93%
6. Geography: 87%
7. Life science: 81%
8. Physical science: 85%
Average: 87,5%
Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher
One junior/senior primary and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person.