Spar Superstars Eyethu Umlazi 2026

Spar online top banner

Vote for your favourite SPAR School Superstar

Help them win a R400 SPAR Shopping Voucher and put them in the running to win R7 000 in the KZN SPAR School Superstar competition

Primary School September

uNdumiso Ndebele.

Ndongeni Primary School

Umpetha weKhilikithi

Read More

UNdumiso Ndebele ufunda ibanga lesi-7 eNdongeni Primary School, lomfundi ubamba iqhaze elikhulu kwezemidlalo kulesi sikole kanye nangaphandle.
UNdebele ungugcweti womdlao wekhilikithi (cricket), kanti uqale ukudlala lomdlalo efunda efunda ibanga lesi-4.
Loku kugcine kumholela ekutheni akhethwe ukuba adlalelel iqembu laseMlazi, kanti futhi akagcinanga nje lapho kodwa waphinde wakhethwa ngokudlala kwakhe kahle ukuba ayodlalela iKZN Elite Under-13 lapho khona adlala khona nezinhlanga ezahlukahlukene.
Okuhle kakhulu ukuthi yize kubukeka sengathi ezemidlalo zimuhambela kahle kodwa akayekile futhi ukwenza kahle ezifundweni zakhe esikoleni kanti futhi uyaqubeka nokuhlonipha othisha bakhe kanye nozakwabo.

High School September

uBongeka Mkhize

Shumayela High School

Unesihawu kwabanye abafundi

Read More

UBongeka umfundi ozimisele futhi ohlale efuna ukwenza okungaphezulu kwalokhu okufanele.
Naphezu kwezinselelo, uhlala engowokuqala ukufika nowokugcina ukuhamba esikoleni, indlela akhombisa ngayo ukuzinikela kwakhe kwezemfundo yakhe.
Kanti uyaqubeka nokuba phakathi kwabafubndi abayishumi abaphuma phambili iminyakeni emibili ilandelana. Njengamanje wenza ibanga le-10 kanti futhi wenza kangcono kakhulu futhi njengoba ekwazile ukuba athole ama-distinction amane.
Akagcini nje ngokuphumelela yedwa kodwa makuphela usuku uyasala ngemumva alekelele abanye abafundi abasalele ngemumva.
Okuphawulekayo ukusho uthando lwakhe lokufunda ikakhulukazi ukufunda izincwadi azithandayo njengoba zimenza ahleke futhi zikhulisa umuzwa wakhe wokuzijabulisa.
Ukuzibophezela kwakhe, ukuzithiba kanye nokuthobeka kukhombisa ukuthi impumelelo yakhe ivela ekusebenzeni kwakhe kanzima.
Uyisibonelo esifakazela ukuthi ukwenza kahle kanye nokusebenza kanzima akukhathalekile ukuthi uvelaphi kwimumva elinjani.

uSnenhlanhla Zulu

Shumayela High School

Umpetha weNetball

Read More

Ngithanda ukuphakamisa uSnehlanhla Zulu, ofunda khona loana eShumayela High School e-Umlazi Q section, njenge-SPAR Superstar emkhakheni wezemfundo nezemidlalo.
USnehlanhla uzikhandla ngokukhethekile ekilasini kanye nasenkundleni ye-netball. Ungumfundi ovelele okwazi ukulinganisa phakathi kwezifundo zakhe kanye ne-netball ngokulingana kanye nokuzinikela okukhulu. Unentshiseko, uqotho futhi uhlale ekulungele ukusiza ozakwabo beqembu kanye nabafundi afunda nabo.
Ungumuntu othobekile futhi oyisibonelo esihle esibonisa ukuthi umuntu angaphumelela kuzo zombili izindawo, ezemfundo nakwezemidlalo. Ngempela ufanelwe ukwamukelwa njenge-SPAR Superstar.

uSphesihle Madlala

Ekwazini High School

Umpetha webhola lezinyawo

Read More

U-Sphesihle Madlala ungumdlali ovelele weqembu labangaphansi kweminyaka engu-15 omele i-Ekwazini High School. Ubonise amakhono aphezulu kanye nethalente elimangalisayo ngesikhathi somqhudelwano i-Amajinge Tournament owawungo mhla zingama-20 kuAgasti.
Njengoba aziwa ngejubane lakhe, ubuhlakani bakhe kulomdlalo kanye nekhono elihle kakhulu lokulawula ibhola, u-Sphesihle ukhombisa ukubusa enkundleni waphinde wazekhela igama ngenkathi eshiya isihlwele zibambe ongezansi.
Ngaphandle kwenkundla, ungumfundi oziphatha kahle futhi onenhlonipho ophinde enze kahle nasezifundweni zakhe, liyamangaza ikhono lakho lokukwazi ukulinganisa phakathi kwezifundo zakhe nebhola ngokuzinikela okukhulu.

Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher

One junior/senior primary and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person.

Back to top button