Local news

Udilikajele kobenukubeza indodana yakhe ngocansi

Umlisa oneminyaka ewu-38 obudala ugwetshwe udilikajele

Uzobhadla ejele impilo yakhe yonke umlisa olahlwe icala lokudlwengula indodana yakhe ephindelela.

Lomlisa oneminyaka ewu-38 obudala ugwetshwe udilikajele emva kokuba iNkantolo yesiFunda yaseMadadeni ithole ukuthi lomlisa unukubeze ingane yakhe yomfana izikhawu eziningi kusukela ngonyaka ka-2019 kuya-2021.

Ngokuthola kweNkantolo isisulu besihlala nabazali baso bobabili kanye nomfowabo, kodwa bekuthi uma unina engekho, uyise avele ajikele kuso asinukubeze.

Kuthe emuva kwesikhathi isisulu, unina kanye nomfowabo bahamba bayohlala ekhaya konina.

Kubuye kwavela ukuthi uyise wesisulu ebejwayele ukubalanda beyomvakashela. Ngaleso sikhathi bevakashile ummangalelwa ebeqhubeka nokunukubeza indodana yakhe.

INkantolo ithole ukuthi ithumba liqhume emuva kokuthi uthisha wesisulu eqaphele izinto ezisolisayo kuso wabe esesibuza ukuthi sidliwa yini.

Nokuyilapho isisulu saphumela khona obala sachaza ngokuhlukumezeka kwaso okwenziwa uyise kuso.

Uthisha wabe esebikela uThishanhloko wesikole kwabe sekubikelwa umndeni wesisulu. Isisulu sabe sesihanjiswa eMtholampilo ukuthi siyoxilongwa, kwabuye kwabikelwa namaphoyisa nokwaholela ekuboshweni komdlwenguli.

Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo, uMshushisi uCindy Alberts ubize ofakazi okunguthisha ongowokuqala ukuthola ngaloludaba, uDokotela owaxilonga isisulu nowaqinisekisa ukuthi kukhona ukulimala akuqaphela kuyena futhi kuzohlala naye isikhathi eside.

Ngenhloso yokukhombisa iNkantolo ukuthi kumele ikhiphe isigwebo esiqinile, uMshushisi ubize ubabekazi wesisulu ochaze ukuthi selokhu isisulu sehlelwa ilomshophi wokunukubezwa uyise, sesaphenduka inkomo edla yodwa, futhi sesiyamesaba kakhulu uyise.

Inkantolo ibe isimgixabeza ngodilikajele maqede yanquma ukuthi lomlisa akafanelwe wukusebenza nezingane, futhi igama lakhe kufanele lifakwe ohlwini lwezigilamkhuba ezihlukumeza abantu ngokocansi. Inkantolo ibuye yamgqilaza ngokuthi lomlisa akumele nangephutha anikezwe imvume yokuphatha isibhamu.

Don’t have the ZO app? Download it to your Android or Apple device here:

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page  and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 060 784 2695

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Zululand Observer in Google News and Top Stories.

Back to top button