SR015654

ISAZISO NGEMISEBENZI YOKWAKHA YOKUTHUTHUKISWA KWE-BREAKWATERS (IZINDONGAMIYALELO ZOLWANDLE) KANYE NOKUVALWA KWEZINDAWO ZOKUNGCEBELEKA EBHISHI LASE-ALKANTSTRAND KUMASIPALA WASEKHAYA WASEMHLATHUZE, KWAZULU-NATAL INDAWO YOMSEBENZI
i-Transnet National Ports Authority (TNPA) iphakamisa ukwakhiwa kwemisebenzi yasolwandle yokuthuthukiswa kwezakhiwo ze-North kanye ne-South Breakwater (izitini ezintsha ze-dolosse) eChwebeni lase-Richards Bay, ngaphansi koMasipala waseKhaya waseMhlathuze, KwaZulu-Natal. I-South Breakwater itholakala ohlangothini oluseningizimu ngaphakathi eChwebeni, kanti i-North Breakwater yona itholakala ohlangothini olusenyakatho, eBhishi lase- Alkantstrand.

UMSUKA KAFUSHANE NENCAZELO YOMSEBENZI
Izakhiwo ze-breakwater zaklanywa futhi zakhiwa njengezindonga zama-rubble mound (izinqwaba zamatshe) ezivikelwe ngezitini ze-dolosse armour. Lezi zakhiwo ngezika-TNPA ukwenza ngcono nokuphepha kokungena kwemikhumbi eChwebeni. Lo msebenzi uhlanganisa ukulungiswa nokuthuthukiswa kwezingxenye zezakhiwo ze-North kanye ne-South Breakwater, lapho izitini ze-dolos ezilimele zizosuswa khona. Lo msebenzi udingeka ukuze i-TNPA iqhubeke nokuhlinzeka ngokungena okuphephile kwemikhumbi eChwebeni lase- Richards Bay. Ngesikhathi kwenziwa lo msebenzi esakhiweni se-North Breakwater, ezinye zezindawo zokungcebeleka ebhishi zizobe zingaphikeleleki kuso sonke isikhathi salo msebenzi.

UKUZIBANDAKANYA KOMPHAKATHI
i. Ingxenye yezitini ze-dolosse ezitholakala esakhiweni se-North Breakwater eBhishi lase-Alkantstrand inezibhebhe zezikhumbuzo (memorial plaques) ezinamathiselwe kuzo. Imindeni ethintekayo ngalezi zibhebhe zezikhumbuzo iyacelwa ukuba ize ngaphambili izosusa lezi zibhebhe ezikulezi zitini ze- dolosse. Uma izibhebhe zingasuswanga ezinsukwini ezingu-30 kukhishwe lesi saziso, i-TNPA izozisusa lezi zibhebhe ezithintekayo izibeke odongeni lukakhonkolo olukhona ebhishi.
ii. Ezinye zezindawo zokupaka ezisebhishi kanye nezindawo zezindlu zangasese zasemabhishi zizobe zingasebenziseki ngesikhathi kwenziwa lo msebenzi (kusukela kuNtulikazi 2026 kuya kuZibandlela 2028) Ukuthola eminye imininingwane nolwazi, sicela uxhumane nomuntu ongezansi:
Mnu. Simphiwe Mthembu
Project Manager
Port of Richards Bay
Tel: 035 905 4636
Cel: 066 395 7878
12-06-2026

Reference Number: SR015654

View All Classifieds View Legal Notices Entries

Back to top button