SR015704

ISAZISO SOMPHAKATHI: ISICELO SELAYISENSE YOKUSETSHENZISWA KWAMANZI (I-WULA) Isaziso sikhishwa ngokwesigaba 41(4) somthetho kazwelonke wezamanzi (National Water Act,36 of 1998) sokuthi i-Mondi South Africa (Pty) Ltd ifaka isicelo selayisense yokusetshenziswa kwamanzi ngaphansi kwesigaba 21(c) kanye no-21(i), okuhlobene nokuthuthukiswa nokunakekelwa kwemigwaqo yamahlathi kanye nezindawo zokuwela imifula nemifudlana ezikhona ngaphakathi kwezindawo zokusebenza ze-Mondi. Lo msebenzi uzokwenziwa kwingxenye yepulazi i-Welkom 28 GU, i-Groenkop 616 GU, nepulazi i-Nyalazi North 18644 GV. Lezi zindawo zitholakala ezindaweni zase-Melmoth nase-Mtubatuba ngaphansi komasipala bendawo uMthonjaneni noMtubatuba, esifundeni iKing Cetshwayo kanye noMkhanyakude, KwaZulu-Natali.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, xhumana no-Kwazi Nkabinde waseGreen Door: PO Box 1170, Hilton, 3245 Ucingo: 033 343 4176 I-imeyili: kwazi@greendoorgroup.co.za.

Uma kukhona umuntu omaziyo ongase athinteke ngalesi siphakamiso kodwa engakwazi ukufunda nokubhala, ekhubazekile noma ngenye indlela esesimweni esingamvimbela ekubambeni iqhaza kule nqubo, sicela uthumele imininingwane yakhe yokuxhumana kuleli kheli elingenhla. Imibono, ukuphawula noma izikhalazo kufanele zifinyelele kumeleli zingakapheli izinsuku ezingama-60 kusukela ngosuku lokushicilelwa kwalesi saziso. 22-06-2026

Reference Number: SR015704

View All Classifieds View Legal Notices Entries

Back to top button