SR015712
ISAZISO SESICELO SE LAYISENSE YOKUHWEBA NGOGESI Ngokwemigomo yesigaba 11 soMthetho Wokulawulwa Kukagesi ka-2006 (Umthetho No. 4 ka- 2006), RBM EnergyCo Proprietary Limited ngalokhu yazisa bonke abasebenzisi bakagesi eRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika ukuthi kufakwe isicelo kuMlawuli Kazwelonke Wezamandla (NERSA) sokuthola ilayisense yokuhweba ngogesi. Uma sesivunyiwe nguMlawuli Wezamandla, umsebenzi wokuhweba uzobandakanya ukuthengwa kwamandla kubakhiqizi abasezifundazweni zaseLimpopo, Western Cape kanye neNorthern Cape, kanye nokudluliswa/ukusatshalaliswa kwala mandla ngemizila yokudlulisa nokusabalalisa ka-Eskom iye eRichards Bay Titanium naseRichards Bay Mining ezise esifundeni sokuphatha saseKwaZulu-Natali, eRichards Bay. Isicelo selayisense siyatholakala ukuze sihlolwe eHhovisi likaMasipala waseDolobheni i-uMhlathuze (5 Mark Strasse Civic Centre, eRichards Bay) nasemtatsheni wolwazi womphakathi waseRichards Bay (2 Kruger Rand Road, Richards Bay Central). Isicelo selayisense siyatholakala futhi kwiwebhusayithi ye-NERSA: https://www.nersa.org.za/`ngaphansi kwe-Electricity > Consultation > Notices. Bonke abanentshisekelo kanye/noma yiliphi ilungu lomphakathi bangafaka izikhalazo ezibhaliwe ku-NERSA zingakapheli izinsuku eziwu-30 kusukela ngosuku lokushicilelwa kwalesi saziso. Lezo zikhalazo kufanele zibe ngesimo se-afidavithi futhi zithunyelwe ku-NERSA kusetshenziswa amakheli angezansi: Imininingwane yokuxhumana ye-NERSA Ikheli lendawo (Physical address)` Umphathi Omkhulu (HoD): Umnyango Wokunikeza Amalayisense Kagesi Nokulawulwa`Kulawula House` 526 Madiba Street` Arcadia` Pretoria Ikheli leposi (Postal address)` Umphathi Omkhulu (HoD): Umnyango Wokunikeza Amalayisense Kagesi Nokulawulwa`P O Box 40343` Arcadia` 0007` Ningizimu Afrika Ikheli le-imeyili: TdLicenseApplications@nersa.org.za
Reference Number: SR015712