NV000440
Press Advert (isiZulu) Isicelo semvume yokwenza Izinto Ezivumelekile ngokweSigaba 6 (1) soMthetho kaMasipala WeTheku Wohla Lwezinto Ezivumelekile Lesi yisaziso sokuthi kuzokwenziwa isicelo senziwa u Golden Ant Group ngaphansi kwalo Mthetho kaMasipala ogagulwe ngenhla ku Sthembiso Mbanjwa sikaMasipala waseThekwini sokugunyazwa ukusebenzisa
u B20, 25 Green Rd, Hammarsdale ngenhloso yokwenza lo msebenzi olandelayo oyinto evumelekile ebalwe kuSheduli 1 walo mqulu weMithetho kaMasipala: Ukwenziwa kwamashelela eplastiki ye- PE ebuyisiwe ehlanzekile ngendlela eyomile. Noma ngubani ofisa ukuphikisana nokusetshenziswa kwale ndawo ukwenza lo msebenzi unikwa ithuba lokuba azwakalise ukuphikisana kwakhe nalokhu zingakapheli izinsuku eziyi- 14 (eziyishumi nane) kusukela ngosuku okukhishwe ngalo lesi saziso ngokuthumela isaziso sakhe salokho esibhalwe phansi esiqukethe amagama akhe, imininingwane yokuxhumana naye, ikheli lakhe kanye nezizathu zakhe zokuphikisana nalokhu okuhlongozwayo lapha. Lesi saziso kufanele sithunyelwe kuleli kheli: Isisebenzi esigunyaziwe: Sthembiso Mbanjwa Ikheli:
Health Office, 8 Link Road, Waterfall, 3610
Inombolo yocingo: 031 311 6956 Ikheli le-email: Sthembiso.Mbanjwa@durban.gov.za Amakophi alesi sicelo okukhulunywa ngaso lapha kanye nalesi saziso kuyatholakala kwabafisa ukuphawula kuleli kheli: Health Office, 8 Link Road, Waterfall, 3610.
Reference Number: NV000440