Spar Superstars Intshonalanga 2026

Primary School July
Aphile Mdluli
Inchanga Primary School
Ibanga lesi-6
Read More
U-Aphiwe Mdluli ungumfundi weBanga lesi-6 ozinikele, okhuthele, futhi onamaphupho amakhulu e-Inchanga Primary School, kanti usebe yingxenye yalesi sikole kusukela emabangeni aphanci. Njebngoba ekhula njena ubelokhe ekhombisa ukuzinikela, ukuzithiba, kanye nentshisekelo yokufunda kulo lonke uhambo lwakhe kulesi sikole.
Kusukela eBangeni-R kuze kube yibanga lakhe lamanje, u-Aphiwe ulokhe enza kahle kakhulu ezemfundweni zakhe kanti futhi ubalwa nezinye izingane eziphumelela kakhulu. Ungumfundi ohlale elwela ukwenza kahle futhi ubhekana nazo zonke izinselelo ngokuzimisela, kanye nokuzethemba.
Uphinde abonise amakhono obuholi aqinile ngendima yakhe njengomqaphi wabafundi kanye nesikole. Ngesikhathi sekhefu, u-Aphiwe usiza ukulekelela ekuqinisekiseni ukuthi yonke into ihamba ngendlela.
U-Aphiwe uphinde adlale indima ebalulekile lapho amukela futhi esiza izivakashi esikoleni. Ubonisa amakhono amahle okuxhumana, inhlonipho, ukuzethemba, kanye nesimo sengqondo esihle lapho exhumana nezivakashi kanye namalungu omphakathi wesikole.
U-Aphiwe Mdluli ungumuntu osemusha ophumelelayo omele ubuhle, ubuholi, kanye nokuzethemba. Uyisibonelo sangempela nomfundi onekusasa eliqhakazile phambili.
Mkhanyisi Makhathini
Kranskloof Primary school
Read More
Ngingakuqinisekisa ukuthi Mkhanyisi Makhathini unjengoba eqgubeka nokuba ngomunye wabantu okufanele babhekwe kusasa njengomgijimi ovelele. Uncintisana emincintiswaneni ye-Shot Put kanye ne-Long Jump, futhi siyaziqhenya kakhulu ngaye. UMkhanyisi akayena nje umdlali onethalente, ungumfundi ohlonipha kakhulu futhi onekhono elimalisayo lokuhlanganisa ezemidlalo kanye nefundo yakhe ngokulingana. Umusa wakhe kanye nomoya wakhe wokubambisana kumenza abe yisibonelo kontanga yakhe. Kuyothokozisa ukubona umtwana ofana noMkhanyisi enamaphupho amakhulu, mhlawumbe ngolunye usuku uzobe emele iNingizimu Afrika kuma-Olympic.
Keratilwe Fose
UDumo Primary School
Umdla webhola oqavile
Read More
UKeratilwe Fose, umfundi weBanga lesi-4, ungumntwana oneminyaka engu-9 ohlakaniphile owaziwa kakhulu ngokuba nomusa nokusiza kwabanye abafundi kanye nothisha. Ukweseka kwakhe kubonakala kakhulu uma kunomsebenzi wesikole ekumele wenziwa lapho khona esuke elekelela abafundi inkakhulu kazi uma kunama-oral kanye nama-read aloud esikoleni lapho khona akhuthaza abanye abafundi ukuba bazithembe.
Ezifundweni zakhe wenza kahle kakhulu futhi uzinikele ekufundeni kwakhe okumenze abe ngomunye wabafundi abenza kahle kakhulu lana esikoleni.
Kuleminyaka esesibe nayo ngayo uKeratilwe ukhombise ukukujabulelakakhulu ukudlala ibhola labesifazane, nakhona asezakhele khona udumo kanye nogazi ngokuba umntwana ohloniphayo futhi ozimisele. Uyisibonelo esihle kontanga yakhe kanti futhi simufisela inhlanhla empilweni yakhe.
High School July
Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher
One junior/senior primary and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person.