AW014673
Press and Notice Board Advert (isiZulu) Isicelo semvume yokwenza Izinto Ezivumelekile ngokweSigaba 6 (1) soMthetho kaMasipala WeTheku Wohla Lwezinto Ezivumelekile Lesi yisaziso sokuthi kwenziwe isicelo, senziwa u Industrial and Consulting Services (PTY) LTD ngaphansi kwalo Mthetho kaMasipala ogagulwe ngenhla kuNkosikazi Nondumsio Nxumalo (umsebenzi ogunyaziwe) kaMasipala weThekwini; sokugunyazwa ukusebenzisa u 1 Schwegmann road New Germany erf no 133 ngenhloso yokwenza lo msebenzi olandelayo oyinto evumelekile ebalwe kuSheduli 1 walo mqulu weMithetho kaMasipala: Chemical Product Processing Noma ngubani ofisa ukuphikisana nokusetshenziswa kwale ndawo ukwenza lo msebenzi unikwa ithuba lokuba azwakalise ukuphikisana kwakhe nalokhu zingakapheli izinsuku eziyi-14 (eziyishumi nane) kusukela ngosuku okukhishwe ngalo lesi saziso ngokuthumela isaziso sakhe salokho esibhalwe phansi esiqukethe amagama akhe, imininingwane yokuxhumana naye, ikheli lakhe kanye nezizathu zakhe zokuphikisana nalokhu okuhlongozwayo lapha. Lesi saziso kufanele sithunyelwe kuleli kheli: Isisebenzi esigunyaziwe: Mrs Nondumiso Nxumalo Ikheli: 1 William Leister Drive, Westville Civic Centre, Westville Inombolo yocingo: 031 311 6638 Ikheli le-email: nondumiso.nxumalo@durban.gov.za Amakhophi alesi sicelo okukhulunywa ngaso lapha kanye nalesi saziso kuyatholakala kwabafisa ukuphawula kuleli kheli: Local Library Sizakala Centre Office of the Ward Councillor glen@icswater.co.za
Reference Number: AW014673