Amabandla adumisa ngenkulu inhlokomo kuvulwa unyaka
Kubanjwe imigubho yokuvulwa konyaka emabandleni ehlukeni.

Ngaphandle kokubungaza uthando ngenyaka kaFebhuwari amabandla ehlukene endaweni yaseSithembile abambe izinkonzo zokuvulwa konyaka.
Bekukhulekelwa izinto eziningi ezibandakanya ukwazana noNkulunkulu.
Ibandla lamaRoma laseSithembile, Mfundweni, Willies, Bandlabathwa kanye ne-Verdriet lihlanganele kulenkonzo yokuvulwa konyaka kwi-Pharishi yaseDannhauser ngempela sonto eyandulela le endlulile. Ibandla lamaRoma belikhulekela ubumbano emindenini. Lonyaka kubona unyaka wemindeni. Lenkonzo ibiholwa nguFather Buthelezi kanye noFather Mhlongo kulenkonzo ebanjwa minyaka yonke.
Nakanjalo ebandleni lase Apostolic Faith Mission umphakathi waseSithembile uphume ngezinkani ukuzo thamela lenkonzo ebibanjelwe ehholo lomphakathi. Kusinwe kwadedelwana abazalwane beshumayeza igama leNkosi bekhulekela ubumbano endaweni yaseNdumeni.
Ibandla i-Christian Church of Zion eliholwa ngumfundisi John Buthelezi lona livakashelwe amaZion aseMnambithi kanye nase Estcourt ukuzovula unyaka eSithembile.



