Local newsNews

Baxwayiswe ngezidakamizwa abafundi base Thalana High School

UMnz Sikhosana oyi phoyisa lase Dundee uthe:"Umuntu uyazikhethele indlela afuna ukuyihamba futhi kumele nikhethe abamngani abahle ngokwezenzo, yibani isibonelo esihle nikwazi ukuphakamisa isikole senu.

Abafundi base Thalana High School bebanga lesishagalombili (Grade9) bebevakashelwe abamele iDundee Correctional Services, Dundee SAPS, Dundee CPF, Melusi Zondo, Mnz Mkhize no Mnz Ndlovu. Isizathu esenze lamaphathi bomthethwa bavakashele lesi sikole ingoba abafundi baka Grade 9 basebenzisa izidakamizwa abazithenge ngaphandle kwesikole nje ngenstangu kanye nogwayi.
Okushaqisayo kakhulu ukthi nabafundi bamantombazane nabo bayabandakanyeka kuloludaba lokuthenga izidakamizwa.

UNksz Fikile Sithole obemele iDundee CPF uxwayise abafundi ngokusenstenziswa kwezidakamizwa waphinde wabayala ngokuthi azibuyiseli. Ukhulume wathi:”Bengisemhlanganwe wekomide lapho kuphunye khona nesinqumo sokuthi uma umfundo ephule umthethwo esikoleni sekuzomele aze nomzali wakhe”. Waphinde waxhayisa abafundi ukuthi umuntu odayisa izidakamizwa awawudayiseli umndeni wakhe badayisela nina bafundi ngoba befuna ukubulala ikusasa lene, eqhuba.

Melusi Zondo from the Department of Social Services warned the pupils about the use of drugs.

UMelusi Zondo wakwa DSD owusonhlalakahle wazise amafundi ukuthi uma benezinkinga emakhaya noma esikoleni bakhona bona njengosonhlalakahle ukuthi babasize.Uchaze wathi:”Uma unenkinga ungaya kusonhlalakahle wase Siphuthando ukhona uzonisiza, musani ukukhohliswa abantu ngokuthi isemthethweni insangu, ngoba uma ubanjwa nayo uzoboshwanase mase uba nerekhodi lobugebengu”. Uma usunerekhodi angeke usaqasheka futhi awukwazi nokuyovakasha ngaphandl, kumele nizicabangele nina, eqhuba.

Thokozane Ndlovu who lives with albinism and a former principal warned pupils about coming to school late and asked them to take their studies seriously.

UMnz Ndlovu ophila nebala elimhlophe uchazele abafundi ukuthi kumele bezimiseli kusakhaya nje ngoba ngonyaka ozayo bazokhetha izifundo, wabaxwayisa futhi ngokufika sekudlule isikhathi sesikole ukuthi kuzolimaza izifundo zabo. Uphinde wabachazela ukuthi uma sebeyofunda enyuvesi badinga amaphuzu angu 35 ukuze bekwazi ukuyofunda khona. Ukhulume wathi:”Uma izidakamizwa seniziqalile ziyekeni ngoba angeke nifinyelele enyuvesi uma ningazi nizokwenzani lapha esikoleni”.Uqhube wathi ukungafundi kwenu kuzokhubaza nina ekugcineni, niyazi ukuthi uMelusi Gigaba ungomunye wabafundi owayefunda la Thalana? Yenzani ukufunda kube imfashini.

Mnz Mkhize wase Dundee Correctional Services uxhayise abafundi ngokuthi uma beqhubeka nobugebengu bazoboshwa ngoba likhona ijele lezingane futhi kuyaphela ukuhlakanipha ejele. Umnz Sikhosana oyi phoyisa lase Dundee uthe:”Umuntu uyazikhethele indlela afuna ukuyihamba futhi kumele nikhethe abamngani abahle ngokwezenzo, yibani isibonelo esihle nikwazi ukuphakamisa isikole senu. Baningi abafana lapha ngaphandle abavuka bengazi ukuthi bazokwenzani, ibona laba abanidayisela izidakamizwa.
UThishanhloko naye uxwayise abafundi wabastela ukuthi naye uzalwe insangu ikhona futhi bakhula bazinokuthi idayiswaphi kodwa bazange bayibheme. Abafundi baceliwe ukuthi abashinste ukwenza menze nomehluko emakhaya.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button