communityCrimeLocal newsNews

Kuliwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

Umbutho wamaphoyisa eGlencoe ukhala ngamacala avulwa aphinde acishwe

Umbutho wamaphoyisa aseGlencoe ebegubha izinsuku eziyishumi nesithupha zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane okwenzeka minyaka yonke kusukela mhla ziwu 25 kuNovember kuya ku10 December.

Kulonyaka lolusuku lugujwe ngendlela ethanda ukwehluka njengoba isiteshi samaphoyisa eGlencoe sivule ngokusemthethweni igumbi lokusiza abahlukumezekileyo (victim friendly room), okubalwa kuwo abanukubezwe ngokocansi, udlame lwasekhaya  kanye nokuhlukumezeka kwanoma uluphi uhlobo lokuhlukumezeka ngokocansi.

Kuleligumbi bazokwazi ukuzobika lamacala baphinde banikwe usizo olubafanele ngendlala efanele.

Leli gumbi lichazwe njengalelo elizobuyiselela izimilo kubantu bakwazi nokugeqa amagula ngokuzobe kubehlele bechazela iphoyisa nalowo ozobe ebekwe ngokusemthethweni ukuba amusize ngokuveza konke ngecala elizobe lowomuntu elivula, umuntu aphumele obala ngezimo ezimuhlukumezile.

Lizovulwa ubusuku nemini zonke izinsuku leligumbi. UKabuteni Mapetla obuya kwi-National head-office uthe ucwaningo lwakhomba ukuba igumbi laloluhlobo luletha omkhulu umehluko. Uqhube wathi kuqala abantu bebebika amacala abo esiteshini bese kubakhona nabanye abantu abangazile ukuzobika amacala kepha bezofuna usizo olungahlangene namacala. Leligumbi lenzelwe abahlukunyezwe ngamacala anhlobonhlobo.

UKabuteni Mapetla uthe, “Amacala asevulwe ngokusebenzisa leligumbi  avamise ukuphumelela enkantolo abasolwa baboshwe. Ngakho ke ngiyaninxusa mphakathi ukuba nilisebenzise leligumbi.” Nakuba izulu belinetha umphakathi awudikibalanga ukuzothamela izingxoxo ebezishiwo kulomgubho.

Okugcizelelwe kakhulu  ukuba umphakathi ubike amacala futhi ungawasuli ngoba lokho kulimaza amaphoyisa. UMphathi siteshi wase Glencoe uSK Masuku uthe lomkhuba wokucisha amacala ujwayelekile kulendawo. UDetective Zuma uxwayise abantu besifazane ukuba babe neqiniso bangavumeli abantu besilisa babahlukumeze bona nabantwana. Uthe kubalulekile ukuthi usheshe ubike icala emaphoyiseni ukuze uzokwazi ukusizakala.

Uthi abantu besifazane abayeke ukucabangela amadoda ngezimpilo zabo okanye zezingane.

Lomgubho ubuhanjelwe iminyango eyahlukene kahulumeni kanye nezinhlangano ezizimele bonke akade bekhona bathe umcimbi ube yimpumelelo.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
Stay in the know. Download the Caxton Local News Network App here.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button