communityLocal newsNews
UKhisimuzi ubenezilokotho ezinhle kubantwana eSithembile
UKhisimuzi uze nezilokotho ezinhle eSithembile abantwana bephiwa izipho kanye nokudla okwedla esiphundu kukaKhisimuzi.

Amantombazane asemasha enze okuhlukile ngelanga likakhisimuzi endaweni yakubo iSithembile lapho engume ukuphana ngokudla kanye nezipho ebantwaneni abalinganiselwa ku50 bakulendawo.
Lamantombazane asemasha okungoZenzile Ncala, Thobekile Nkosi kanye no Nompunelelo Ntombela bathe inhloso yabo bekunguku jabulisa ikakhulu labo bantwana abaqhamuka emindenini eyantulayo ukuze babe noKhisimuzi omnandi njengabobonke abantu kodwa ngenxa yokungaxhaseki kahle kwabo banquma ukuthokozisa wonke umntwana okade bemthola esitiladini ngelanga likaKhisimuzi njengoba behambele zonke izitiladi saseSithembile bephana ngokhisimuzi.
At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!



