Umphakathi ubhikishela ukuhlukunyezwa komfana
'Umphakathi wathuswa isibhamu, ummangalelwa ayebasabisa ngaso ngosuku lwesigameko'

Umphakathi wase Grace ugcwale enkantolo kamantshi yase Nquthu uzomashela ngecala lowesifazane wakulendawo owashaya ngesihluku waphinde waklinya umfanyana oneminyaka engu 13 ngoba emsola nabanye ababili ngokweba izikhiya zomuzi wakhe, ukudla, imali kanye nomakhalekhukhwini.
Lo wesifazane i-video ebonisa lesigameko esibhebhetheke kwizinkundla zokuxhumana ungumakhelwane kamfana kanti abomndeni kamfana bathi abafuni anikezwe ibheyili ngoba ngeke besahlalisana kahle nalomakhelwane wabo. Uvela enkantolo kamatshi okwesibili lapho ebezofaka isicelo sebheyili.
Ngokusho komphenyi wecala uthi akuphephile ukuthi umangalelwa angadedelwa ngebheyili njengoba umphakathi udinwe ugane unwabu ngalesisenzo sakhe. Enkulumweni yakhe yokuphikisana nesicelo sebheyili uthe “usabela impilo kammangalelwa ngoba umphakathi ungahle uzithathele umthetho ngezandla uma ededelwa ngebheyili.”
Ebuzwa inkantolo umphenyi ukuba kungani umphakathi ungazamanga ukuhlasela ummangalelwa njengoba kwaphela izinsuku ezinhlanu ngaphambi kokuba kubikwe ngalesigameko? umphenyi uphendule ngokuthi “yingoba umphakathi wawusathuswe isibhamu, lesi ummangalelwa wayesabisa ngaso ngosuku lwesigameko.” Ngokusho kwakhe umphenyi lesibhamu esasiphethwe ngummangalelwa siyithoyizi kodwa sifana nesibhamu sangempela.
Usisi womfana uThabisile Mnyandu (26) uthi umfowabo wavuka ngakusasa intamo ivuvukele futhi iluhlaza yonke indawo. Uqhube wathi “ngifuna agwetshwe ummangalelwa angatholi bheyili ngoba ngeke sisakwazi ukuhlala nokuphilisana naye.
Phakathi kwabantu abathathu wakhetha umfowethu ngoba engena bazali, uyaweya vele umuzi wakithi.”
Izigameko ezifuze lezi ziyinhlalayenza e-Nquthu. Ngo-September 2013 kwashawa umfundi kaGrade 10, u-Nompilo Vilakazi (18) eshaywa ngemvubu amahlandla ayikhulu (100) ngu-Amahle Mdlalose (23) ngokumusola ngokuba nobudlelwano nesoka lakhe. I-video eyaqoshwa ngenjongo kamshayi nayo yayigcwele ezinkudleni zokuxhumana.



