Umgubho weminyaka engu-16 wohulumeni basekhaya
The Torch of Democracy recently burnt in Nquthu

Ube yimpumelelo umcimbi wokugujwa kweminyaka engu 16 kwabakhona ohulumeni basekhaya kanye nenkululeko yentando yeningi eNquthu. Lomcimbi obuholwa owayenguNgqongqoshe Wezolimo, uCyril Xaba, ububanjelwe eMpumelelweni Hall, uNgqongqoshe ehambisana noSodolobha wesifunda saseMzinyathi, uLinda Ngubane obehambele lendawo yaseNquthu okokuqala selokhu athata izintambo zokuba uMeya. Phakathi kwabo kukhona uSomlomo waseMzinyathi,uBongani Chambule, uMeya waseNdumeni u-Thulane Mahaye kanye neMeya yaseNquthu, u-Emily Molefe.
Lesibani senkululeko sikhanyiswe nguyena uSodolobha waseNquthu ngaphambi kokuba singeniswe ehholo ebeligcwele phama umphakathi, iminyango kahulumeni eyahlukene, Amakhosi kanye nezinduna zawo. Lesibani sibe sesidluliselwa kwisifunda saseMajuba.
Ngaphambi kokuba lomcimbi uqale, uNgqongqoshe nabaholi bendawo bahambele emphakathi ukuyovula ngokusemthethweni imisebenzi ebikade isiqalile nekungeyokuthuthukisa imiphakathi yakulendawo yaseNquthu, okubalwa kuyo i-Project ka-Agriculture eHaladu ku-Ward 16, KwaNgwetshane kanye noGesi ka-Ward 10 kwaMfongomfongo.

Enkulumweni yakhe uSodolobha waseNquthu ubonge uhulumeni “kaMsholozi” ngoshintsho athi uselwenze kuzozonke izifundazwe zaseNingizimu Africa. “Uhulumeni kaMsholozi ushintshe izinto, siyayibona iminyango kahulumeni iya kubantu.”
OnguSodolobha waseMzinyathi uLinda Ngubane ethula inkulumo yakhe uthe “lo mcimbi ngokahulumeni kodwa asikwazi ukuthi singathula singasho ukuthi uhulumeni ka ANC.” Uthi “sizokusho kugqame ukuthi uhulumeni wenza kahle. Kusukela ngonyaka ka-1910 emva kwe-Anglo Boer War amaNgisi anikezela izwe ukuthi liphathwe amaBhunu, abantu abalwela inkululeleko ngo 1994 i-ANC, sangena kwintando yeningi, ngo-1995 savotela ohulumeni basekhaya okokuqala nqa.” Eqhubeka nenkulumo uthi i-ANC yase yazi vele ukuthi izophatha ngoba yayinomgomo. “Amanye amaqembu antshontsha umgomo ka ANC aphikise ngawo,” kubeka uNgubane.
Ube esencoma iNquthu ngokuthola umbiko wezimali ongenagcobho, wathi la kuqale khona lohulumeni wabo uyakwazi ukubala intuthuko kwezolimo, amadibhu, izindlu, izikole ezihlanzekile emzinyathi kanye nokunye. Uthi inkinga uma benza into bengayisho kukhona abazovela bethi yenziwe yibona. Ube esexwayisa uMeya Molefe ukuthi akaveze ukuthi wenzeni emphakathini ngoba ngale kwalokho bazongena enkingeni.
Utshele umphakathi ukuthi baze kulomcimbi ukuzobheka yonke imisebenzi esiyenziwe, wathi kodwa ‘kusashoda.’ Unxuse ukubambisana nawo umphakathi, wathi “uma umuntu eshoda ngomtholampilo akangashisi isikole ngoba kuzobe kusho ukuthi uphikisana nentuthuko esikhona.” Uphinde wanxenxa umphakathi ukuba wehlise ukuxhuma ugesi kanye namanzi ngokungekho emthethweni, wathi njengamanje basebenzela ukuletha izimpompi umuzi ngamunye wathi futhi uma abantu bengawaphatha kahle amanzi angeke bakhale.
Umama Vilakazi obekhulumela inkosi uNgobese engaphumelelanga ubonge umkhandlu ngentuthuko esikhona kwezinye zezindawo zaseNquthu ebala ugesi nezindlu zomxhaso, waphinde waveza ukuthi kukhona la kusashoda khona. Uthe uyakholelwa ukuthi angeke kuzufezeke konke kanyekanye kepha unxusa umkhandlu ukuba ukusukumele ukuthuthukiswa kwemiphakathi.
Uphinde wanxusa ukuba intuthuko ifikele ezandleni zabo njengamakhosi nezinduna. Wathi “sicela sinigadele yona ngoba abantu bakithi bayalamba, bagcina bentshontsha bese siyamoshakalelwa.” Eqhubeka nenkulumo yakhe uthi “okwenza umphakathi uzonde amakhansela ukuthi akubanjiswene, kanti nentuthuko ihamba nganxanye. “Amakhansela awasondele emphakathini, futhi uma nifika emphakathini ningagqamisi ukuthi niyiliphi iqembu lezepolitiki ngoba nathi sinamaqembu ethu kodwa umasiya emphakathi asivezi ukuthi siyiliphi, ukuze kungenzeki udlame. Amakhansela azovotelwa maweze emphakathini singaboni ezigxotsheni,” kungqugquzela uMama Vilakazi.



