Editor's choiceMunicipalNews

Seziyabonakala izimpawu zokuza kokhetho

Election excitement builds up in Nquthu

Njengoba siya okhethweni lohulumeni basekhaya ngomhlaka 3 August amaqembu ezepolitiki aphansi phezulu ayakhankasa ukunxenxa ivoti emphakathini.
ENquthu mahlanu amaqembu angenele lolukhetho okuyi ANC, IFP, EFF, DA kanye ne NFP bese kuba ama-Indipendent Candidates angu-9.
Lamaqembu la enomfutho omkhulu futhi nabaholi bawo esifundazweni nakuzwelonke babonakala belokhu bethelekile. Kube khona amamashi amabili ngeviki eledlulengoLwesine i-Economic Freedom Fighters ibivakashelwe ngumholi wayo kaZwelonke u-Floyd Shivambu oyisekela mongameli weqembu uhole imashi ezungeze idolobha laseNquthu lonkana yase yadlulela eMajuba.
UNobhala weqembu kwi-Region uMalibongwe Mdletshe uthe i-EFF iyaphila eNquthu futhi inamalungu onke amawadi yingakho uShivambu efikele lapha. Ngolwesihlanu i-Nkatha Freedom Party nayo ibe nemashi ezungeze idolobha, kanti i-National Freedom Party ne-ANC okuyizona zinhlangano ezihola umkhandlu ngokubambisana eNquthu nazo zibe nama-Rully kusukela ezinyangeni ezintathu ezedlule ngokuphindelela, njengamanje zibonakala nazo ziphansi phezulu emphakathini ngokufafazwa amaphepha enxenxa amavoti.
U-IEC uthe bona sebemi ngomumo ukwengamela lolukhetho lomhlaka 3 August. Uthi zonke izimfanelo nezinsiza kusebenza ziqale ngomsombuluko owedlule ukuhanjiswa ezikhungweni ezingu 101 eNquthu namaphethelo.
Ama-Special Votes avula mhlaka 10 July lapho kuvakashelwa khona abantu abadala kanye nabakhubazekile bavotiselwe emakhaya abo, kanti bangu-1079 abantu ababhalisele ukuvota phansi kwaloluhlu.
Ngomsombuluko waleliviki kuzoqhubekwa ukuqeqeshwa kwezisebenzi ezizolekelela eziteshini zokuvota.
U-IEC ugqugquzela izisebenzi ezifake izicelo zama-Special Votes ukuba zitheleke eziteshini zokuvota ngoMsombuluko ozayo ngo8:30 ekuseni kuze kube ngu 5 ntambama, amaphoyisa azogada ama-Ballot Papers aphinde aqaphe noma sekubalwa amavoti eziteshini.
Sibuze uNtombela ukuthi kungani ande kangaka ama-Indipendenr Candidates wathi nabo abasazi isizathu kodwa phambilini avame ukuba mabili noma mathathu.
Enye yama- rally eNFP eyayihanjelwe ngu Mlotshwa, kwavela ukuthi kunemali yama-RDP elinganiselwa ku-R200 000 000 eyabuyiselwa emuva ngenxa yokubangwa kwezikhundla emkhandlwini okudalwa i-ANC kusho uMlotshwa ohola i-NFP esifundazweni. Lokhu kwenza abantu ababehambele le- rally bayijoyine ngethemba i-NFP. uSkhakhane akathandanga ukuphawula ngalokho kodwa uthe i-NFP ikhuluma ngakho iyona eyaziyo ukuthi imali yezindlu yajika kanjani. Phakathi kwalabo esakhuluma nabo babethi bayayibona i-NFP izobasebenzela ngokwethembeka.
Abanye bathi bashiye iqembu elibusayo ngoba alibanakile futhi linikezela izidingo zabo ngokuchema besho belinganisa ngamathuba okulinyelwa nguhulumeni ahamba isikhekhelembane.
Khona manjalo sithole ukuthi ngaphakathi kweqembu le-NFP kukhona umbango othinta ukuthi phakathi koyiSekela likaSodolobha uKhansela Kunene noSihlalo we-Branch uMama Nhlebela, kunombango wesikhundla sika Sodolobha uma kwenzeka i-NFP iphumelela eMkhandlwini WaseNquthu.
Lesi simo sigcine sidala ukuba uKunene ashiye i-NFP ayojoyina i-IFP, kanti abanye abalandeli be-NFP, abangaphansi kuka Kunene baveza ukuthi ‘bayofa lapho efa khona’ uKunene.
Labalandeli abangathandanga ukuziveza amagama bathi uNhlebela ufuna isikhundla sokuba ngusodolobha engasisebenzelanga bona bazi uKunene.
UNhlebela uthi yena akazani nokubangwa kwezikhundla kodwa wazi ukuthi ngubuholi bukaZwelonke obuzocacisa ngokusebenzisana.
Ithi konke lokhu uKhongolose aqhosha ngakho kungumsebenzi owaqalwa ibona okuyizikole, imigwaqo nokunye okuyinqalasizinda yaseNquthu. Kuzwelonke i-NFP yase Nquthu iyona kuphela ezokwazi ukungenela ukhetho lohumeni basekhaya ngenxa yokuthi yakwazi ukubhadala u-IEC kusenesikhathi.
UNhlebela uthi uma bengathola ithuba lokuwina umkhandlu izoya ngokuthi umphakathi udinga ini bese iyawenzela ngoba banesiqubulo esithi ‘your voice, your choice’, uthe kuzosebenza umqulu weNtuthuko yomkhandlu edidiyelwe.
Ube esegqugquzela abantu ukuba bavote ngoba bakhona amaWadi onke aseNquthu. UMdletshe we-Economic Freedom Fighters yena uthe uma bephumelela ukhetho bazokwakha inqalasizinda okuyimigwaqo, ama-Clinic asebenza ubusuku nemini.
Bazoqikelela ukuthi umasipala akaqashi abantu bangaphandle. Bazokwakho izinkulisa i-Wadi ngalinye, bavale ama-Tender kanye nokubuyisa isithunzi sentsha yaseNquthu enganakiwe.
Uphinde wagcizelela ukuthi abantu mabayeke amanga,”‘thina angeke sivale imali yesibonelelo kodwa sithi ogogo mabakhushulelwe kube R2600 bese imali yabantwana kube ngu-R600, asazi ukuthi kuphumaphi ukuthi sozoyivala,”kusho Mdletshe.’ i-DA nayo ikhona ezigxotsheni kodwa awatholakali amahhovisi.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button