Local newsNews

UNdlunkulu wesizwe sakwa Kunene nohlelo lokuthuthukisa abesifazane

UGugu obemele uMnyango wakwa- Arts and Culture uthembise ngokulekela isizwe sakwa Sigweje, wabonga ukuthi okuhle ngabo ukuthi bahlangane lokhu kuzokwenza kubelula ukuthola usizo.

Ihholo yenkantolo yesizwe sakwa Sigweje ‘ibivale ngomuntu emnyango’ bezothokozela ukuphetha inyanga yomama. UNdlunkulu wesizwe uNkk H.F Kunene nekomiti lakhe belekelelwa uMnyango wakwa -Arts and Culture, bahlele lo mcimbi wokubungaza nokubonga omama bakwa Sigweje namaphethelo ngaphansi kwesiqubulo esithi “Qhakaza lapho utshalwe khona.” Ngokusho kukaNdlunkulu, inhloso yalomcimbi ukuthumela ivangeli komama bendawo ukuthi bazithande, bahlangane kwezamabhizinisi ukuze bakhulise abantwana babo ngendlela efanelekile.

INkosi yesizwe sakwa Sigweje uMnuz S.S. Kunene ube esithula ngokusemthethweni inhlangano yomama bakwa Sigweje i-NPO Sigweje Womens Club. INkosi inxuse omama ukuba bangene kulenhlangano ukuze bazozithuthukisa kuyoyonke imikhakha ekhona, baqhakaze endaweni yabo.
UNdlunkulu ube esenikezela ngezipho kogogo bendawo, izigodi zonke. Wanikeza namantombazane asendaweni izipho.

16 sogweje2 (Medium)

 
Kube sekusikwa ikhekhe lapho iNkosi yesizwe noNdlunkulu bebeqeda iminyaka engu 22 beshadile.
USiyamthanda Thwala ushiye umphakathi ungayivalile imilomo ngenkathi esho izibongo zeNkosi yakwaKunene.
USihlalo wekomiti, uNkk Buthelezi ubonge izikhulumi ngamazwi akhayo anobuhlakani.
UGugu obemele uMnyango wakwa- Arts and Culture uthembise ngokulekela isizwe sakwa Sigweje, wabonga ukuthi okuhle ngabo ukuthi bahlangane lokhu kuzokwenza kubelula ukuthola usizo.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button