Editor's choiceNewsSchools

Bekukhunjulwa amagugu esintu

Ubonge nakuzikole ezingomakhelwane ebezihambele lo mcimbi okuyiZisize Primary, Bapaume Primary, Batterseapark Primary kanye neVegkop Primary.

Bekukhunjulwa amagugu esintu eTayside Primary School, umcimbi ubuhanjelwe umphakathi owakhele indawo yonke yakhona namaphethelo. Kubongwe othisha, abazali kanye nabafundi abanandise lo mcimbi ngomculo.
Kuqhakanjiswe kakhulu usiko lokuhlonipha nokuphana ukuba lingalahleki kubantwana. Bekukhona nokudla kwesintu. Emva komcimbi izihambeli zonke zizitike ngokudla kwesintu.
UThishanhloko, uMnuz BS Zondo, ubonge bonke abebehambele lomcimbi njengalokhu bekungunyaka wesithupha wenziwa ngempumelelo.
Ubonge nakuzikole ezingomakhelwane ebezihambele lo mcimbi okuyiZisize Primary, Bapaume Primary, Batterseapark Primary kanye neVegkop Primary.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button