Aphenduke umbhejazane ngenkathi amakhansela e-IFP ethola umbiko wokuthi umkhandlu wase Nquthu noMzinyathi uzofakwa nangaphansi kweso le- Province ngenxa yokuhluleka kwayo ukukhetha amakhansela. Lo msindo uvele ehholo yomphakathi eMoth hall ngoLwesithathu ngenkathi izikhulu zakwa COGTA ebezivela kuMnyango wezeHulumeni baseKhaya ku Nqgongqoshe uNomusa Dube Ncube ebatshela ukuthi iKhabhinethe lakwa Zulu Natal kanye nelika National sebethathe isinqumo sokuthi umkhandlu wase Mzinyathi kanye nowase Nquthu uzofakwa ngaphansi kuka- Adminsitrator akubize nge (Intervension) engaphansi komthetho u Section (139).
UMnuz Thando Ntibane ukubeke kwacaca ukuthi lemikhandlu ngeke ibe namandla kuze kube ihhovisi lika Ngqongqoshe liyaneliswa ngenqubo yalemikhandlu. “Okwenze ukuba kufakwe lomthetho ukuthi lomkhandlu wase Nquthu uhlale imihlangano emihlane bengavumelani mayelana nokuqokwa kweMeya, uSomlomo, yiPhini le Meya, ukuze kwakhiwe isigungu esikhulu,” kusho uMnuz Ntibane.
Uqhube wathi legxabano yalomkhandlu yenze ukuba umkhandlu wase Mzinyathi ungabi namakhansela avela eNquthu.
Uveze nokuthi lemikhandlu emibili ihlulekile ukunikezela ngemibiko yokusebenza kwezimali. Amakhansela e- IFP ‘awothe ubomvu’ ethi lento yezinwe ngu Ngqongqoshe ngama bomu. Bathe ngoMsombuluko i-IFP ibambisene ne- EFF kanye ne -DA bazoqhubeka nokhetho.
UMnuz Ntibane ubadonse ngendlebe ethi bangezi izinto zibe nzima ngoba lokhu abakwenzayo kokuthathwa komkhandlu kusemthethweni. Uphinde wathi uma iHhovisi lika Ngqongqoshe selinesiqiniseko sokuthi zonke izinto sezihamba kahle umkhandlu uzobuyiselwa esimweni sawo.
Uqhube wathi okuimqoka ukuba izakhamuzi zithole izidingo kumakhansela, hhayi ukulwa. Umhlangano uphele sekubhekanwa ngeziqu sekuswelakala okhwelayo.



