CrimeEditor's choiceNews

Bazothatha izinyathelo zomthetho abaphume phambili

Sphamandla Mchunu and Sandile Buthelezi celebrating their freedom with family after they were found not guilty by the Nquthu Magistrate's Court on a charge of attempted murder

NgoMsombuluko owandulela owedlule inkantolo yeMantsi yaseNquthu ibafumene bengenacala abasolwa ababili ababesolwa ngokudubula umfundisi uMbhisobhi Mkhawuleni Nhleko owahlaselwa ngezithuba zantambama emzini ngomhlaka 8 April 2013.

Abasolwa batoka amaviki amathathu emva kokuboshwa ezinsukwini eziyishumi nanye kwenzeke isigameko. U-Sandile Buthelezi kanye no Sphandla Mchunu ababalelwa eminyakeni engamashumi amathathu nanhlanu, bathi, bajabule ukuthi inkantolo ibakhiphe phambili kulelicala ngesizathu sokuthi ubufakazi bukaMmangali babungahambisani nezitatimende zakhe.
Bathi ziningi izinqinamba abaphuma ngazo njengoba bebala ukuthi ummangali ubehamba ekhuluma noma kanjani ngegama labo, emphakathini kanye nasesontweni.

Kuthiwa kulelicala kube khona ‘ukuxabana kobendle’ phakathi kweNduna yendawo uNhleko kanye noNobhala wakhe uSandile Buthelezi emva kokuba uSphamandla wangenelela ekulekeleleni amalungu omphakathi ayenenkinga ngokudayiselwa amanxiwa kulendawo okwakungahambi kahle Ngokusho kukaSphamandla uthi ngalokho wathola amanga athi “lomfana uzosephuca iqatha emlonyeni” emva kwalokho wabe esemataniswa nesigameko sokudubula iNduna ngoba ejeziselwa ukuthi kungani engenelela. UNhleko phambilini waveza ukuthi wababona abasolwa bemudubula kanti lesigameko yena usimatanisa kakhulu nombango wezombusazwe njengoba waveza ukuthi abasolwa babethunywe yinhlangani ‘kaKhongolose.’

Ngesikhathi sesigameko uSandlile wayengasebenzi ehlala ekhaya kodwa amalungu omphakathi anikela ngensimu ukuze ayilime emva kokuphuma ezitokisini, kanti uSphamandla yena wayesiza umphakathi ngaphansi kobuholi bukaKhongolose okungumusebenzi awqhubayo nanamuhla.

Labalisa ababili bathi bashaqeka ngosuku lokuqala betshelwa lezinsolo ngoba babengazi lutho futhi bengakaze babanobudlelwano phambilini, njengoba icala labo selihoxisiwe.Babonge kakhulu uMphakathi wakwaVulamehlo kanye nemiNdeni yabo ngokubasekela futhi babanikeza isibindi sokubhekana nalelicala laze lifika ekugcineni. Bathi zikhona izinyathelo abasazozithatha ukumangalela uMmangali. “Siyawubonga umphakathi wakwaVulamehlo ngoba usibonisile ukuthi usenalo ithemba kithina, nomndeni ngiyawubonga ngoba emva kokuthola lezinsoli besizibuza ukuthi abantu esiphila nabo bazothini,” kusho uSphamandla Mchunu. “Uma sihlangana ezitokisini sasilahlekile singazi sibuzana ukuthi kwenzakaleni.  Abantu bayamazi umuntu ukuthi yini emfanele umphakathi nemindeni yethu isisekile kakhulu.”

Ngesikhathi sesigameko uSandlile wayengasebenzi ehlala ekhaya kodwa amalungu omphakathi anikela ngensimu ukuze ayilime emva kokuphuma ezitokisini, kanti uSphamandla yena wayesiza umphakathi ngaphansi kobuholi bukaKhongolose okungumusebenzi awqhubayo nanamuhla. “Sikahle kakhulu noma bekungekho lula ngoba besikhokha, yingakho sisazoqhubeka nezinyathelo zomthetho ukuze ummangali ezwe ukuthi kunjani ukuqambela abantu amanga,” kulanda uMnuz Mchunu.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button