CrimeEditor's choiceNews

Sekubanjwe umsolwa ngelokudlwengula intombazane ena (17)

Amalungu omphakathi, athi awamuphikeli umsolwa oneminyaka ebalelwa kwengamashumi amabili kodwa babona kungamfanele njengengane esanda kufika endaweni.

Amaphoyisa aseNquthu agcine umsolwa ezitokisini ozovela mhla zingu-10 kwephezulu ukuba afake isicelo sebheyili kulandela izinsolo zokuthi wadlwengula umakhelwane wakhe obalelwa eminyakeni eyishumi nesikhombisa.
Kuthiwa lesigameko senzeka eduze nedolobha laseNquthu eMdansane ekuqaleni konyaka. Lesenzo sishiye isimo esimuncu emphakathini njengoba sekukhona’ ukukhombana ngeminwe’.

Amalungu omphakathi, athi awamuphikeli umsolwa oneminyaka ebalelwa kwengamashumi amabili kodwa babona kungamfanele njengengane esanda kufika endaweni.

Ngakolunye uhlangothi kugxekwa amaphoyisa okuthiwa adubula emzini kaMsolwa kanti futhi bathi abomndeni kaMsolwa ‘banqatshelwa’ nokuvula icala. UMsolwa uboshwe ngoMsombuluko owandulela owedlule ebusuku emva kokuba ezinikele emaphoyiseni ehambisana nomphakathi amva kokuba kugasele amaphoyisa ekhaya.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button