Inkonzo i-Life Changing Ministries nomkhankaso wentuthuko
Lelibandla selikhule ngamalungu angamakhulu amahlanu, kulonyaka uMphostoli uzogcoba abafundisi abahlanu kanti futhi kulindeleke ukuba ahlonishwe ngeziqu zobudokotela yi-Christ The Lamb School Of Theology.
Likhulu igalelo nomehluko owenziwa isonto i-Life Changing Ministries ezliinze edolobheni laseNquthu ekwakheni izinhlelo zentuthuko emphakathini wase Nquthu. Emva kweminyaka eyishumi nambili lelisonto lasungulwa nguMphostoli Thandanani Goodman Nala (38) selikwaze ukuvula isikole sezenkolo emphakathini esihamba phambili ngokufundisa izingane ulwimi lwesiNgisi abasikhipha ngamakhala, kusukela eminyakeni emine kuyaphezulu.
Ngonyaka ozayo kuzokwakhiwa izakhiwo lapho bonke abafundi bezohlala ngaphakathi bafunde ngokuzikhandla ngaphandle kokuya emadolobheni. Abaholi bomdabu banikele ngomhlaba kulelikomidi elizoqala ukuwusebenzisa ukulungiselela unyaka ozayo. Ngokusho kukaMphostoli uthe inhloso enkulu ngalesisikole ukuba sikhule kakhulu futhi sishintshe izimpilo zabantwana emphakathini. Kulesi sikole, kunezifundo ezingahlukile kwezinye izikole kepha umehluko omkhulu ubabazwa umphakathi yinhlakanipho yezingane ezincane ezikhipha isilungu ngamakhala, kanti futhi kuphinde kube khona izinhlelo zokufundisa abafundi emabangeni aphansi naphezulu ngamakhono afana nobuchwepheshe bokuqopha kanye nomculo wezinsimbi.
Bazofundiswa ngobuchwepheshe bokusebenzisa amaKhompuyutha kanye nokunye kwezemidlalo ubuciko namasiko. Sibuza uMphostoli Nala ngebanga abalihambile uthe “wathunyelwa iphimbo likaNkulunkulu endaweni yaseNquthu ukaba ezoshintsha izimpilo zabantu”. Ngokusho kwakhe uthi wayesePitoli eFastile ethandaza ngoba efuna umhlahlandlela kuMdali kepha wezwa iphimbo lakhe lithi, “Hamba uye endaweni yaseNquthu lapho izimpilo zabantu uzozishintsha khona ngokomoya ongcwele, “kusho uMphostoli.
Phambilini wayevame ukuzoshumayela eNquthu ngenkathi esahlala eNkandla esigodini saseMachuneni lapho inkaba yakhe yasla khona. Uqhuba uthi manje sewaba yisakhamuzi sase-Cassino eNquthu lapho ehlala khona noNkosikazi wakhe uNkk Pastor Nomaza Nala. UNomaza ongowokudabuka eKoloni , kanti uNkulunkulu ubabusise ngezingane ezine amantombazane amathathu nomfana. UNkosikazi wakhe yena uphinde abenguDokotela wezempilo kanye nezenhlalakahle ozimele emahhovisi akhe eDundee, Nquthu, kanye naseVryheid.
UMphostoli uthi isikole i-Life Changing Christian School yona yaqala ngabafundi baseNkulisa abangu-21ngonyaka ka-2010, olandelayo kwaba yi-Primary School njengoba namuhla sekukhona ne-High School, kanti uthi ubonga abomdabu bokud
Uthi uMphostoli uNala kwakungelula ngonyaka ka-2005 ngenkathi eqala elandela umyalelo kaNkulunkulu efika eNquthu emisa itende abamaziyo bamuphendukela betshena umphakathi ukuthi ungangeni kepha uNkulunkulu wabaletha abantu abangu-15 ngosuku lokuqala wadumisa nabo futhi bengazani.
“Namuhla ngusuku engafika ngalo eNquthu” kusho uMphostoli etshena iNtatheli yeNkazimulo mhlaka 14 Febuary walonyaka ngenkathi imubuza ukuthi emva kokufika eNquthu umyalelo kaNkulunkulu waqala nini ukuwubona ufezeka. Eqhubeka uveze ukuthi ngenkathi esemotweni ebuya eThekwini elibangise khona wezwa futhi iphimbo likaMdali. Ezinsukwini ezimbalwa efikile washintsha izimpilo zabafanyana ababili ababehlala emgwaqeni kanti oyedwa wabo uXolani Shezi usebenza njengonogada esikoleni nanamuhla. Simubuza ngezimanga esontweni lakhe uthe “Izimanga zaseLife Changing Ministries ukuthi abantu bamazi u-Kristu, bakholwe, baphile bekwazi ngisho nokubeka isinkwa ematafuleni emindeni yabo.”
Lelibandla selikhule ngamalungu angamakhulu amahlanu, kulonyaka uMphostoli uzogcoba abafundisi abahlanu kanti futhi kulindeleke ukuba ahlonishwe ngeziqu zobudokotela yi-Christ The Lamb School Of Theology. UNkosikazi wakhe umchaze njengendoda enamandla ngezwi lenkosi kanye nobuhlakani obegcwele bukaNkulunkulu, kanti futhi uyawazisa kakhulu umndeni wakhe.
UMphostoli uthi isikole i-Life Changing Christian School yona yaqala ngabafundi baseNkulisa abangu-21ngonyaka ka-2010, olandelayo kwaba yi-Primary School njengoba namuhla sekukhona ne-High School, kanti uthi ubonga abomdabu bokudabuka e-Gahna abamugquqguzela ukuba asisungule ngokushesha isikole yibona abamubonisa ukuthi siyisidingo kangakanani.
Kukhulunywa isingisi kuphela emagcekeni aso kanti futhi kukhona nothishela bebala elimuhlophe. Lokhu sekulekele nomphakathi ukuba ungangeni ezindlekweni ezinkulu ngokuthumela abantwana emadolobheni amakhulu ukuthola ifundo encono.



