Amaqembu eze Politiki agubha usuku lwenkululeko
All political parties are out in force campaigning in Nquthu ahead of the May 24 by-elections
Amaqembu ezepolitiki i-ANC ne-DA abe nemidlalo yokugqugquzela umphakathi ngokuba usebenzise amalungelo okuvota, njengoba usuku lwe-Nkululeko I (Freedom Day) ikhumbuza ukukhululeka komphakathi owawucindelekile ngokombuso wobandlululo. Ngomhla ka-27 April 1994 iningizimu Africa yathola inkululeko ngokuba iyovota okokuqala ikhetha ukubuswa ngokwentando yeningi lapho okwaphuma khona uMongameli wokuqala omnyama iDokotela Nelson Mandela.

Emgubhweni walolusuku ngeviki eliphelile eNquthu i-DA ibambe imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo ezinkundleni zemidlalo eNquthu Plaza eduzane nakwa-Luvisi, kanti amaqembu ebephume ngobuningi ukuncintisana kulesi siteki sejezi lebhola.
Imidlalo ye-DA iphele ngoMsombuluko we-May Day kanti ibuthanyelwe ubuholi besiFundazwe usihlalo weqembu uKhansela Zwakele Mncwango. UMncwango ethula inkulumo yakhe kulemidlalo uthe ngosuku lwenkululeko bayaqonda ukuthi ziningi izinqinamba ezibhekene nomphakathi.
Ube esethebisa umphakathi ukuthi i-DA ayizulinda ukhetho anduba ithembise intuthuko, futhi bona bazocabangela umphakathi abawuholayo uma bevotelwa ngoba amakhansela akhohlakele bayawaxosha eqenjini abawanikezi izikhundla. UZwakele uqhube wathi,”Siziqinisekisa ukuthi umnotho uyazizela lapha eNquthu hhayi ukuthi nihambe endaweni yenu niyofuna umnotho ngenxa yokuthi umnotho wesizwe usetshenziswa abantu abathize noma umndeni othize oseduze kuka Mongameli.” Amaqembu ebedlala kulomdlalo ahlanganisa nezihlabani ezindala ama-Old Crocks kanti baklonyeliswa ngezinkomishi, amajezi kanye neziNdondo.

Indaba yomnotho kubonakala ikhulunywa yiwo wonke amaqembu njengoba usekela Mongameli we-ANC u-Cyril Ramaphosa ngoLwesihlanu noMgqibelo ehambele eNquthu naye ugcizelele kakhulu ukuthi sekufane ngokushesha umnotho wezwe uhlukaniselwe wonke umuntu ophila kulo. Uphinde waveza ukuthi njengoba behambele umuzi nomuzi bonke abantu bathi basekela i-ANC futhi bathemba yona kulolukhetho bafuna usodolobha ophansi kwe-ANC. Eqhuba uthe, “futhi nami abantu ngibathembisile ukuthi amakhansela azoziphatha kahle ngoba azosayina ukuthi azothembeka, angeke antshontshe imali yomphakathi. Ngiwatshenile amalunga ukuthi uma ungakhuthele ungazami nakancane ukujoyina ubukhansela ngoba sifuna abantu abasebenza ubusuku nemini.”
I-ANC nayo ibonakale ivela nomdlalo ongajwayelekile eNquthu wokishova amabhayisikili nawo oqale e-V.A. Makhoba Hall ulibangise emahhovisini alo ngakwamasipala. Intsha ibuyele emuva injabulo ibhalwe ebusweni njengoba umuntu ngamunye uhlomule ngebhayisikili ayeligibele.
Umhleli walamabhayisikili bekungu Joe Motloung ongu Sositswebhu ka Khongolose emkhandlwini eNquthu. Lo mcimbi ubuhlelwe inhlangano yomfelandawonye i-Dinatla Youth Development, uMnyango Wezenhlalakahle ukuzokhumbuza intsha ngokubaluleka kosuku. Kulomcimbi kunikezelwe intsha izipho ezifana nezinto zokugeza kanye nama-Sanitary Pads emantombazaneni awadingayo. Kubekhona izinkulumo ezahlukehlukene zosuku kanye nomculo. U-Joe Motloung ucobelele lentsha ngamaphuzu abalulekile ukuze babe ngabaholi bakusasa. Ubaxwayise ngokuthi kubalulekile ukuba babeqotho, bahloniphe futhi bazithande lokho okuzobenza ukuba babe ngabaholi bakusasa.



