Local newsNews

Kugqugquzelwa ikhono lwabalingisi bakamabonakude namafilimu eNquthu

Breakthrough for aspirant film makers

UMnyango Wezamaciko Amasiko noNkuncebeleka Kwa-Zulu Natal oholwa ngu-Nkosazana Bongi Masithole-Moloi, uqale uhlelo lokuthuthukisa abaqophi bamafilimu, imidlalo kamabonakude kanye neshashalazi.
Loluhlelo olubizwa nge-Film and Video Workshop isigaba sokuqala kade senzelwa eNquthu ngeviki eledlule kususukela ngoMsobuluko kuya ngoLwesihlanu e-VB Ntombela Hall. Maduze isigaba esifanayo se-Workshop sizoqala e-Newcastle sidlulele kwezinye izindawo eziseduzane Kwa-Zulu Natal. Esigabeni sokuqala umnyango uthumele umqondisi ovelele kulomkhakha futhi onekhono elihle lokucobelela ulwazi ngezokuqopha amafilimu.
UMnuz Mpho Jerry Pooe ongumqondisi wama filimu amaningi kwelaKwa-Zulu kanye nemidlalo yaseshashalazini, uphinde abonakale minyaka yonke eNquthu ngoJanuary emgubhweni wempi yaseSandlwana lapho esuke eqondisa uMdlalo waseShashalazini wempi yamaNgisi namaZulu eyayiholwa iNkosi uCetshwayo. UMpho efundisa osomaciko ngalomkhakha uphinde wabacobelela ngolwazi olufana nokuthi abaqophi bamafilimu benza kanjani ukuba bathole izimali zoxhaso.
Intsha kade ibuthene kule-Workshop iluthakasele kakhulu lolulwazi oluhlanganisa nezindlela eziseqopheleni eliphezulu zokubhala nokuqopha amafilimu, kanti futhi kusasele izigaba ezimbili ngaphambi kokuba loluhlelo luphothulwe.
Esigabeni sesibili abaqophi bamafilimu abancane bazovakashiswa ezindaweni zokuqopha amafilimu eziseqopheleni eliphezulu lapho bezosebenza khona ngemishini, baphinde basebenzise ulwazi abaluthole esigabeni sokuqala.Kulesigaba bazohlanganiswa nongcweti abavelele kulomsebenzi ezindaweni zabo emikhakheni eyahlukene.
Isigaba sesithathu laba osomaciko bazobe sebeluphethe lonke ulwazi olubhalwe phansi kanye nelokusebenza, ilapho- ke abazoqala khona baqophe amafilimu ezindaweni zangakubo besebenzisana nenye intsha esafufusa.
Umkhakha wamafilimu ubukade uzinze kakhulu kwelasegoli kodwa uhulumeni ngokufakwa incindezi ngabaqondisi abazimele wangenelela ukuba nakwelakwa-Zulu-Natal kube khona imboni yamafilimu i-Durban Film Commission eyeanza kubelula ukuba abaqophi bamafilimu esifundazweni abfuna ukufeza amaphupho abo kubelula.
Phambilini kade zikhona izinhlelo zokuhlinzeka osomaciko abancane ngalolulwazi, kodwa abekho abantu abakwazile ukufeza amaphupho ngazo. USipho uthi esikhathini samanje yena nethimba lakhe bakhethe ukuthi kuloluhlelo noma kungabakhona abafundi abahlanu .Uthi bazimisele ngokuhambisana nabo beze befike esigabeni lapho bekhiqiza imisebenzi ethize ezobonakala komabonakude noma eshashalazini. Uthi bayakuqinisekisa ukuthi abafundi abagcini ngokuthola amaphepha abazowathatha bawabeke emsamo ezitifuketi abangazazi ukuthi bazozenzani.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button