Editor's choiceMunicipalNews

‘Angilwazi uxhaso luka hulumeni’ kusho usomabhizinisi’

Zandile Buthelezi, also known as Mama Omeida, has denied allegations that the new Omeida Wedding and Conference Hall, built received a hand-out from the Government

“Angulazi uxhaso lukahulumeni”, lamazwi akhulunywe ngowesifazane waseNquthu ongusomabhizinisi ozimele ngenkathi enxenxa uxhaso kuhulumeni phambi kwabezindaba emcimbini wakhe obuyindumezulu wokuvula I-Omeida Wedding and Conference venue.
IziNtatheli zibuze umama odume ngelika-Omeida ngokuthi osondelene kangakanani neqembu elibusayo okwezwakala izinsolo zokuthi libhekelela yena kuphela ngoxhaso. Losomabhizinisi uzichithile lezinsolo ethi lokhu kungamanga aluhlaza yena akazi ngisho isitofu noma isipuni soxhaso luka hulumeni. Uqhube wathi lelihholo elisha nalo uzakhele ngamandla akhe ngokusizana nomyeni wakhe.
“Ngicela nje noma I-Tender ye 1-million nami kekubekhona engikutholayo ngokusiza abantu, “kulanda usomabhizinisi.

NgoMgqibelo owedlule kuvulwe lenkundla enhle ngokusemthethweni ezinze maduze neBhuloho laseMzinyathi. Umama u-Zandile Buthelezi we (Omeida Companies) uveze intokozo enkulu ukuthi ekugcineni uNkulunkulu ukwenze kwaba yimpumelelo ukuvulwa kwaleliholo elizoletha amathuba emisebenzi emphakaathini futhi lithuthukise nawo umphakathi uqobo uma udinga ukwenza imicimbi esezingeni eliphezulu. U Zandile, uthe uma uphokophele entweni kumele uhlukane nokuthanda izinto ezikhonzwe abantu besifazane njengokugqoka, ukuzichola kanye nokunye ngoba kumosha imali ongayisebenzisa ukuzithuthukusa.
Lo mcimbi wokuvulwa kwehholo ubuhanjelwe osaziwayo abahlukehlukene bakamabonakude nemisakazo kanye nosomaciko abaphinde banandisa. Bekukhona osomabhizinisi, abafundisi, izinduna namakhisi kanye nabasebenzi bakahulumeni. Phakathi kwabo kubalwa uMfundisi Mpongise wodumo obehola inkonzo yokukhulela iviki lonke, uSbusiso Buthelezi woKhozi Fm obephethe uhlelo, iNkosi Molefe wesandaweni.
UMolefe naye uhalalisele umphakathi waseNquthu ngokuba nomama okwazi ukunakekela isizwe ngokuzimela. “Bonke osomabhuzinisi bavumelekile ukuthola lomhlaba uma bengaxhumana nathi singabasiza ngoba siyakholelwa ekutheni amabhizinisa afana nakaMama Buthelezi angakwazi ukushintsha izimpilo zabantu emphakathi ngokuvula amathuba emisebenzi,” kuqhuba iNkosi Molefe.

INkosi iqhube yathi ngaleli hholo lika mamaButhelezi isizwe sakhe sizozuza ngalo amathuba omsebenzi nangokwesimo senhlalo ngoba umphakathi angeke usaswela indawo yokwenza imicimbi eseqopheleni eliphezulu.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button