Editor's choiceLocal newsNews

Baphelezelwe ngesizotha abangu 9 emva kwengozi eNquthu

Phakathi kwabashoneli kulengozi kubalwa umholi wezepolitiki we-ANC owayengenele ukhetho kwa-Ward 11, abafundi abathathu baseZindlalele Secondary School

Bongane Motaung
Namanje umphakathi wase Nquthu usashaqekile ngesigameko esehle kulendawo ngeSonto eledlule ntambama lapho umshayeli weloli wabulala abantu abangu-9 kwalimala abangu-73 bese lolini emva kokuba iloli liginqinile.
Laba gibeli abangu 87 babekade bephuma emcimbi woMabo kwaMfongomfongo, belibangise ekhaya eliseMtshongweni. Umncimbi wawuphakathi kwabakwa Sithole eMtshongweni nabakwa Ngobese kwa-Mfongomfongo. UMnyango wezokuphepha kwa-Zulu Natal, uthi umshayeli wazama ukubaleka kodwa amalungu omphakathi amuhlanganisa nobomthetho. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseNqutu ngawo uMsombuluko owedlule.
UMkhandlu kaMasipala waseNqutu uholwa uSodolobha uKhansela SM Kunene, UMnyango kaHulumeni WaseKhaya u-COGTA kanye Nomnyango wezokuPhepha komphakathi oholwa ngu Ngqongqoshe uMxolisi Kaunda bahlanganyele ndawonye ukuthwala izindleko zomgcwabo wokuphelezela abashonile. UNgqongqoshe uKhaunda ufike ehambisana nosodolobha abahlukene, amalungu ephalamende kanye nomphakathi eNquthu enkonzweni yomgncwabo ekade ibanjelwe endaweni yaseMtshongweni etendeni likahlumeni okade ligcwele umuncu namabhokisi omncwabo angu-9.
Phakathi kwabashoneli kulengozi kubalwa umholi wezepolitiki we-ANC owayengenele ukhetho kwa-Ward 11, abafundi abathathu baseZindlalele Secondary School. Abanye bashonela esibhedlela kanti abahlanu bashonela khona endaweniyesigameko. Abafundi baseZindlalele Secondary School kanye nabaholi bomnyango wezemfundo babe yinxenye yomncwabo ukuzohlonipha ozakwabo ngomculo nezinkondlo okokugcina. U-Sjabulile Ngobese ongumngani nesisulu saseZindlalele esingasekho, ekhuluma nentatheli yephephandaba uthe ngoMsombuluko wahluleka ukubhala ngendlela ukuhlolwa kwakhe emva kokuzwa izindaba zokuthi umngani wakhe uKwandiswa Ndlovu akasekho emhlabeni. “Ngagcina ukukhuluma naye ocingweni ngeSonto ntambama wathi usematasatasa, emva kwalokho azange ngisamuthola ocingweni. Umngani wami ngizomukhumbula ngobuqotho bakhe, izinkondlo kanye namahlaya akhe” Usodolobha woMkhandlu waseNqutu uSM. Kunene ethula inkulumo yakhe kulenkonzo uveze ukuthi abayisikhombisa abadlule kulengozi abantu abasha, ube eseduduza amalungu omndeni ngamazwi athi “noma kunje uNkulunkulu ukhona, uma nizizibuza ukuthi kungani? Yingoba uNkulunkulu uyabadinga”. Uqhube wathi naye ubezibuza imibuzo eminingi ngalengozi. Umshayelei ube sevela enkantolo mayelana namacala okushayela edakiwe kanye nagu 9 okubulala ngokungenhloso.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button