Ikhansela nomkhankaso wokuzenzela kwezentuthuko
Ithi ikhansela akufanele abantu ukuba bazijwayeze ukuba ngokhamisa ngithele.
Ikhansela lakwa-Ward 9 eNquthu uSabelo Khumalo ugqugquzela umphakathi ukuba ufunde ukuzakha nokuzenzela izinto endaweni abaphila kuyona. Lithi ikhansela akufanele abantu ukuba bazijwayeze ukuba ngokhamisa ngithele ngoba kwesinye isikhathi izinto zikahulumeni angeke zifike ngaso sonke sikhathi abasilindele.
Emavikini edlule ikhansela libonakale nomphakathi besebenzisana ndawonye ukulungisa izimpompi yamanzi, kanti futhi lokhu akukona okokuqala njengoba phambilini lasebenzisana nomphakathi ukulungisa umgwaqo.
UKhumalo utshele izintatheli ze-NCor FM ukuthi njengoba kunezinkinga zamanzi emiphakathini lihlongoza ukwenza umkhankaso ozobizwa nge “Safa wukoma siyazakha, siyazenzela” lokho kuzosiza ukuthi umphakathi ungathembeli kakhulu kuhulumeni kepha ucobelelane ngolwazi kwezentuthuko.



