Izimisele ukushitsha isimo sempilo insta yase Sithembile
Insta yase Glencoe inamathalente amaningi futhi kumele besebenzise wona ukunqoba inhlupheko,izidakamizwa kanye nokudwengulwa kwabesimame.
Inhlangano ebizwa nge Senamile Community Organisation ibimeme intsha yase Sithembile eGlencoe ngoLwesihlanu oludlule ukuzoba qwashisa ngezimo ezibathintayo njengentsa. Ihholo laseSithembile laligcwele phama abantu abasha bezozwa ukuthi umama mfundisi Madlala kanye nethimba lakhe ukuthi babaphatheleni.
“Isizathu sinibizile lana ingoba sifuna ukunivula umqondo sifuna ukunyusa izinga lomphakathi wethu” kusho uMam’fundisi Mandlala. Kungathi insta isikhohliwe ukuthi ingobani, nikhohliwe ukuthi nihlakaniphile, futhi ninama thuba amaningi ekumele niwathathe ngezandla eqhuba.
The youth of Sithembile came out in their numbers to hear what the Sivula Umqondo champaign has in store for them.
Uphinde wabaqwashisa ukuthi akumele bedlale idakamizwa kanye nezinto ezingacekelela impilo yabo phansi. “Thina sikhula sasinganazo zonke lezinto insta yamanje enazo ingakho sesisungule inhlangano ebizwa ngokuthi Sivula Umqondo, sifina ukushinsta zonke izimo zenhlupheko esibhekene nazo” echaza uMam’ Madlala.
Insta yase Glencoe inamathalente amaningi futhi kumele besebenzise wona ukunqoba inhlupheko,izidakamizwa kanye nokuhlwengulwa kwabesimame.
“UNkulunkulu usithembile ngokuthi sense ikusasa lensta ukuthi libengcono futhi libe nekusasa eliqhavile” kuvala uSiyanda Khumalo.
Bekumnandi impela eSithembile kudanswa, kuculwa kushiwo nezinkondlo, intsa ikuthokozelile lokhu.




