Editor's noteNewsSchools

Abafundi base Nhlanhleni Secondary babhekene nobunzima

Isikole samabanga aphezulu iNhlalakahle Secondary eseNquthu endaweni yase Ndindindi ibhekene nobumzima mayelana nesakhiwo sesikole.

Isikole samabanga aphezulu iNhlalakahle Secondary eseNquthu endaweni yase Ndindindi ibhekene nobumzima mayelana nesakhiwo sesikole.
Umthombo wethu uchaze wathi “isimo simbi kakhulu, uphahla lamakilasi luyavuza, izindonga ziqhephukile abantwana bethu abaphephile neze kulesi sikole, singawa noma inini. Okungixaka kakhulu ukuthi uMnyango weZemfundo (Isifunda sazeMzinyathi) uyazi ngaloludaba kodwa awenzi lutho ngalokhu”. Babethembise umphakathi kanye nothisha ngonyaka ka 2012 ukuthi kuzokwakhiwa isikole esisha, kwaze kwafika no Mnz Kheswa (Acting District Director) ezobona unonakalo emva kokuthi izingqalasizinda zamunika umbiko ngesimo sesikole, eqhuba.
Ngokomthombo wethu uMnz Kheswa akakaze azenze lutho ukukhipha isikole obishini. Sekukaningi amalunga eSifunda sase Mzinyathi evakashela iNhlanhleni Secondary beshiya elithi bazobuya bezolungisa kodwa akaze baphinde babuye.
Emavikini amabili adlule mhlala June 14, kwaba nesigameko esikoleni kwashiswa isakhiwo sesikole sishiswa ngabantu abangaziwa, nhlanhla leyo umphakathi wangenelela bacisha umlilo. Ikilasi elilodwa lasha lanqonqa, lokhu sekuzoshiya abafundi bengena kilasi. Umthombo wethu uthe “alikho ngisho ikilasi elilodwa elingasebenzi, mazivulwa izikole abafundi bazofundelaphi , sicele uthishanhloko ukuthi abikele abomnyango wathi ubabhalele abasehovisi lase Nquthu. Sikhathazekile ngoba akekho ngisho oyedwa wase Mnyagweni weZefundo oke weza ukuzobheka umonakalo”.
Abafundi base Nhlalakahle Secondary School banciswa imfundo ebafanele. Abazali kanye nomphakathi wonkana ucela izikhulu zoMnyango weZemfundo uze esikoleni uzobona ukuthi ungasizaphi kungakavulwa izikole. Omunye wabazali uphawule wathi “asazi ngempela ukuthi abantwana bethu bazofundelaphi laba abashelwe ikilasi, njengoba kugcwele ngokweqile emakilasini”

One of the classrooms at Nhlanhleni Secondary School in Nquthu that was torched by unknown people. This leaves the learners of this already overcrowded school without a classroom.
The community of Ndindindi area in Nquthu are very concerned about the condition of this school and feel as though the Department of Education doesn’t care about them.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button