Local newsNews

Ongakaze athole izimali zakhe zesikhwama sempesheni ukhala ezimathonsi

UMnz Buthelezi ucela usizo mayelana nenkinga abhekene nayo yezimali zakhe.

UMnz Nhlanhla Alfred Buthelezi wase lokishini lase Sibongile ukhala ngokungatholi izimali zakhe amva kokhuthi umqashi wakhe uMnz Du Plessis owayephethe inkampani ebizwa ngeMetro Cash Trading Africa khona lapha eDundee amuxhose ngokungenasizathu. Ngokusho kuka Mnz Buthelezi uchaze wathi ngonyaka ka 2008 yena kanye no Mnz Mpiyakhe Khumalo ongasekho emhlabeni bavula icala ne CCMA emva kokuthi bengayitholi imali yabo yesikhwama sempesheni.

Umnz Buthelezi uthe: “Ngisebenze iminyaka eyamashumi amabili nantathu (23) ngisebenzela abantwana bami kodwa abangasakwazanga ukuyithokozela lemali yezithukuthuku zami. Ngiqale ukusebenza ngonyaka ka 1985 kodwa namuhla anginalutho ekhombisa ukuzikhandla yonke leminyaka”. Kuyimanje angikwazi nokuyisa abantwana bami enyuvesi, ngilala ngesinkwa phezu kweminyaka emingaka engisebenzile, eqhuba.

Umnz Buthelezi wayemelwe uMnz Danisa waka SACCAWU kwicala lakhe lokuxhoshwa ngokungekho emthethweni, icala lalise Thekwini ngokwazi kuka Mnz Buthelezi kodwa ngenkathi eyekhona eThekwini ukuyolalela icala watshelwa ukuthi lelocala alikho emafayileni abo. Uchaze wathi: “Saya enkantolo siyothula ubufakazi bethu kodwa sabuya silambatha, okubuhlungu ukuthi imali yami ibidonswa nyanga nenyanga kodwa manje sekufana nokuthi ngangisebenzela amahala”.
UMthobisi Ndlovu umsebenzi wase CCMA emahovisini aseThekwini uphawu wathi ngaloludaba: “Isikhathi sesisidi uMnz Buthelezi icala lakhe lathethwa ePetermartizburg kwakhishwa iArbitration Award okwakumele ayinikeze umqashi wakhe ukuze akhokheleke, ngoba kungesenzekanga lokhu futhi nomqashi angasekho kuzodingeka ukuthi aqalephansi alethe wonke amadokhumede akhe mayelana nalelicala, aze nawo lapha eCCMA.”

UMnz Danisa akazange atholakale ukuze aphawule, iCourier ithole nokuthi akasebenzeli uSACCAWU.
Umnz Buthelezi uvale ngelithi: “Uzakwethu ongasekho uMnz Khumalo uze wahamba emhlabeni singakayinqobi lempi angifisi ukuthi nami ngize ngihambe emhlabeni abantwana bami basale behlupheka, ngiyacela ongakhona ukungisiza ngalendaba angithinte ku 072 279 6765”.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button