Local newsNews

Nanka amathiphu ayishumi okugwema ukwebelwa kwemali kwi-ATM

Gwema ukufaka ikhadi lakho ngamandla emshinini ngoba kungenzeka ukuthi ucushiwe loyo mshini wokukhipha imali..

Izigebengu sezenza ubugebengu bokunsthonstha imali emshinisi yasebhange ngokwezinga eliphezulu. Qinisekisa ukuthi usebenzisa lamathiphu ukugwema ubugebengu basemshinini yasema bhange: 

• Uma usola ukuthi umshini wokukhipha imali unenkinga, chofoza inkinobho ebhalwe ukuthi (cancel) ngokukhulu ukushesha, bika ebhange lakho ngalenkinga mase usebenzisa omunye umshini wokukhipha imali.
• Zama ukugwema imishini yokukhipha imali esendaweni enabantu abaningi.
• Ungavumeli abantwana bakho ukuthi bakukhiphele imali ngoba ibona abasengozini kakhulu.
• Qaphela abantu ongabazi abafuna ukusiza ngoba kungenzeka ukuthi bafuna ukudidisa ukuze bathole ikhadi lakho noma izinamba zakho lezi eziyimfihlo (pin number).
• Qaphela indawo okuyo, uma ubona abantu noma umuntu osolisayo jika uyikhiphe kwenye indawo imali. Uphinde ubhekisise futhi labantu abagila imkhuba bavamise ukuqoka kahle, bakhuluma ngenhlonipho futhi babukeka bengabantu abathembekile.
• Uma kukhona into ekuphazamisile emshinini usakhipha imali, ikhadi kungenzeka ukuthi libhajwe, lisuke selingenye kwente indawo ngaphakathi emshinini ngaphandle kokwazi kwakho. Makwenzeka lokhu qinisekisa ukuthi uchofa inkinobho ebhalwe ukuthi cancel, mase wazisa ibhange lakho ngokushesha ngalesi sigameko. Ungalivala futhi ikhadi lakho ngokufonela inamba leyamahala ebhaliwe emshinini wokukhipha imali, ibhaliwe futhi nangemunva kwekhadi lakho.
• Ungabofaka ikhadi lakho ngamandla emshinini ngoba kungenzeka ukuthi ucushiwe loyo mshini.
• Ungabofaka ikhadi lakho uma ubona ukuthi isistrini akusona lesi esijwayelekile, ngoba kungenzeka ukuthi loyo mshini ucushiwe.
• Uma ubona ukuthi umshini, izinamba noma isistrini sike saqekezwa ungalifaki ikhadi lakho ngoba lizogwinyeka.
• Ezinye izigilamkhuba ziyalinda ukuthi uze usuke emshinini mase ziyakulandela, qinisekisa ukuthi akekho umuntu okulandelayo uma uqeda kukhipha imali emshinini wase bhange.

Nazi izinamba zamahala ongazifonela (24hrs) uma ikhadi lakho lasebhange libhanjwe emshinini wokukhipha imali:
Standard bank: 0800 020 600, FNB: 0800 110 132, Nedbank: 0800 110 929, ABSA: 0800 111 152, Postbank: 0800 535 455, Capitec: 086 010 2043.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button