Local newsNews

Umphakathi wase-Sibongile Ex 20 ukhathele ukulahlwa kwadoti okungekho emthethwe

Okunye okukhathaza umphakathi ukuthi amaphepha kanye nodoti uphephukela ezindlini zabo, lodoti ungcolisa amagceke abahlali laba abasondelene nalendawo.

Umphakathi waselokishini lase Sibongile Ex 20 usukhathele ukuzama ukuxhumana neKhansela lendawo UMnz T Mahaye wakwa-Ward 2, ngodaba lodoti olahlwa esigangeni iseseduzane nomgwaqo.
Abantu balendawo bayalahla lapha ngokungekho emthethweni, alukho nophawu olushoyo ukuthi akusiyona indawo yokulahle lena.

Omunye wamalunga omphakathi okhathazekile ngaloludaba ofisa sigodle igama lakhe uphawule wathi:”Kade ngase ngithintana neKhansela lethu uMnz Mahaye ngaloludaba kodwa akakaze angiphendule, okukhombisa ukuthi akalukhathalele loludaba. Okubuhlungu kakhulu ukuthi izingane sezidlala kuyona lendawo engahlanzekile kanye nesilwane ziyadla khona la”. Uqhube wathi okungiphatha kabi kakhulu ukuthi lendawo isiyingozi ngokwempilo ngoba kungcolile kakhulu”.

Okunye okukhathaza umphakathi ukuthi amaphepha kanye nodoti uphephukela ezindlini zabo, lodoti ungcolisa amagceke abahlali laba abasondelene nalendawo.
Sizamile ukuthintana no-Mnz Mahaye ngaloludaba kodwa akatholakalanga ukthi aphawule.


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

 

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button