‘I-ANC ilwa ne-IFP ayizile ngezimfuno zomphakathi’ kusho uXolani Msizane
"Mina ngazi abasebenzi bakwaMasipala ayi amalunga ezinhlangano", kuphendule uSodolobha uMnz Lucky Khumalo.
Isikhulumeli senhlangano ye-Inkatha Freedom Party, uXolani Msizane ukhulume kabanzi ngokuxhoswa kwabasebenzi benhlangano yakhe kwaMasipala Endumeni.
Okukhathaza uMnz Msizane ukuthi kuxoshwe abenhlangano ye-IFP kuphela abasolakala ngenkohlakalo.
“Amalunga amane e-IFP amisiwe emsebenzini, okusixakayo njenge nhlangano ukuthi abeqembu elibusayo i-AFrican National Congress (ANC), akekho omisiwe kubona. Amamenenja amathathu amisiwe nezikhundla zabo azakagcwaliswa”.
Okuxaka uMnz Msizane ukuthi kumasipa weSifunda eMzinyathi baningi abasebenzi benhlangano ebusayo, ngokubona kwakhe iqembu le-ANC lisempini ne-IFP.
Thola iphephandaba lanamuhlanje ukuze ufunde sonke isitori.
ALSO READ: Ward 7 by-election marred by bribery allegations

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za. Add us on WhatsApp 071 277 1394.



