Latest NewsLocal newsNews

Usale ekhala umlimi ngezimvula

Ukhale wazithulisa umlimi ngemumva kokuthi imvula imoshe izitshalo zakhe.

Umlimi wezitshalo uMnz Siphamandla Mazweni Mtshali (34) usale ekhala ezithulisa ngemumva kokuthi izimvula ezinamandla kanye nesichotho ebesihlasele iKwaZulu-Natal yonkana zishiye umonakalo ezitshalweni zakhe.
Lo mlimi owaqala ukulima eneminyaka engama 26, umoshakalelwe amahektha amabili ezilimo kanti ipulazi lakhe lona belingamahektha amathathu.
UMtshali ongumnini pulazi iFisokuhle Farm esendaweni yase Gluckstadt, Eskhaleni Senqola injabulo yakhe iphelele emoyeni emva kokuthi bekuhlasele isomiso wayesethola izinsiza komunye umlimi uMnu Craig Derick, okuthe ngemumva kokuthola lezozinsiza imvula enamandla yamosha izitshalo zakhe.
Uphinde wathola uxhaso komunye umlimi kanye nendodana yakhe abangomakhelwane bakhe, uGraeme Ford no Robbin Ford.
UMtshali wayengumsebenzi kahulumeni emahhovisi akwa SASSA, ebhalisa izimpesheni okuyilapho abona khona ukuthi abantu into ababekhala ngayo kwakuwukudla, wabe eseqoma ukushiya phansi umsebenzi wasemahhovisi ukuze ayoba umlimi.
“Inhloso yami kwakungukusiza abantu ngoba ngabona ukuthi isidingo sokuhla sasiphezulu phezu kwabantu bethu bendlu ensundu. Yingakho ngazibophezela ekutheni ngibe umlimi ukuze ngizokwazi ukulekelela ekondleni imindeni”, kuchaza uMtshali.
Uqhube wathi, “ngithe ukuhlaselwa isomiso, izulu lingani ngokwanele ngase ngithola usizo ku Craig okunguyena ongilethele izinsiza zokuthi ngibhekane nesomiso kodwa kuthe kungensuku zatshwala ngithole lezozinsiza, ngingakazisebenzisi kwasanhlobo, zaqala lezimvula ezinamandla, zengeza umonakalo.
“Kodwa ngithanda ukwedlusisa ukubonga nentokozo ku Craig kanye no Graeme Ford nendodana yakhe uRobbin ngokungelekelela kulesisimo ebengibhekene naso ngoba nguyena obengibonisa indlela yokusebenza njengoba ngiwumlimi osafufusa. Izimfundiso zakhe zingelekelele kakhulu ekutheni ngize ngifike kulelizinga engikulo. Ngiyabonga ngiyancocoza kuye. Ngiphinde ngibonge kosomabhizinisi basebaQulusini ngokubambisana kanye nami nangokwethemba kwabo umsebenzi wami.”
Fisokuhle Farm inamahektha amathathu futhi iqashe abasebenzi abayisishiyagalombili ababuya kuyo lendawo yaseS’khaleni Senqola kanti abanye abasebenzi bayaye baqashwe ngezikhathi zokutshali nezokuvuna.
Kanti lona lelipulazi lithengisela izitolo ezinkulu ezifana no Spur, Pick n Pay, Wimpy kanye neSilulu Foods.

Fisokuhle Farm before it was affected by the dry weather.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Back to top button