Local newsNews

Bekukikizwa kutholakala amatayitela

"Ngineminyaka eyevile kweyishumi ngangena kulomuzi kodwa ngingena tayitela futhi bese ngizitshele ukuthi ngiyoze ngifinyelele kwagoqanyawo ngingenalo".

Umphakathi wase Bhekuzulu, Emadoshini Amasha bewuchichima yinjabulo ngenkathi umkhandlu kamasipala unikeza amatayitela ezindlu ngeledlule.
Imizi elinganiselwa ku 275 usungasho kugcwale umlomo ukuthi bangabanikazi bemizi ngokusemthethweni.
“Ngineminyaka eyevile kweyishumi ngangena kulomuzi kodwa ngingena tayitela futhi bese ngizitshele ukuthi ngiyoze ngifinyelele kwagoqanyawo ngingenalo. Phezu kwalokho bengihlalele ovalweni ukuthi mhla igama lami labizwa emabhukwini abancwele izingane zami ziyosala zikhishwa kulomuzi kuthiwe nganginawo abaphepha agcwalisa ukuthi ngingumnini muzi osemthethweni.

Also read: Khaya Lam project: Private Property to reward 30 deserving families with title deeds

“Usuku lwanamuhla olukhulu futhi olubalulekile empilweni yami; angisoze ngalukhohlwa ngisho kungathiwa umphefumulo uhlukana nenyama kusasa lokhu okusayo; ngiyobe nginokuthula enhlizweni ngazi ukuthi abantwana bami bazobe benophahla”, kusho uGogo Nelisiwe Ngwenya ongomunye wabathole amatayitela.
Ibambela Sodolobha, ukhansela Mncedisi Maphisa uxolisile kumphakathi ngokuthatha iskhathi ukunikezela ngamatayitela wathi lokhu kubangwa imigudu okufanele ilandelwe nokuthi kuqinisekiswe ukuthi ngempela labo bantu bahlala kulezozindlu ngabe bakufanele na ukuhlala kuzo.
“Khona kufanele ngabe kade umphakathi wawathola amatayitela abo kodwa sabanjelelwa imigudu edinga ukulandelwa uma kuzokhishwa amatayitela kungagcini etholwe abangafanele. Kanti lapho esithola khona ukuthi kunokudonsisana kumele siphenyisise size siphothule ngaphambi kukuthi sinikezele ngamatayitela.
“Kanti futhi nalabo abangakatholakali okumele bathole amatayitela abo, sizowagcina, siphinde sikhiphe nesimemezelo ukuze batholakale bese nabo bezothola izimfanelo zabo”, kuchaza usodolobha.
Ube esenxenxa abahlali ukuthi bangawalahli amatayitela abo ngoba uma sekumele bathole elisha kuyomele bathole abameli futhi bakhiphe nezimali ukuze bathole elinye itayitela. Wabanxusa futhi ukuthi bangawafaki isivikelamaphepha (laminate) ngoba lokho kuyochaza ukuthi lelo tayitela alisekho emthethweni.
UMaphisa ube eseqinisekisa ukuthi lomkhankasho wokukhishwa kwamatayitela uzoqhubekela eMondlo kungesuku zatshwala.

Cllr Hlatshwayo, Acting Mayor, Mncedisi Maphisa and Cllr Mbatha handing over a title deed to Gogo Nelisiwe Ngwenya.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button