Local newsNews

‘Indlu empisholo isadinga ukufundiseka nge coronavirus’

"Abanye bebebuza ukuthi kungani sibagcobisa amafutha abanye befuna ukugcobisa ebusweni; ubone nje ukuthi isenzima impilo endlini empisholo".

Lolo Madonsela

UMtwana uPhumzile Buthelezi uveze ukungenami ngendlela indlu empishilo ingakafundiseki ngayo ngalomkhuhlane iCovid-19 njengoba ebehambele uphakathi wasoLundi kweledlule.
UMtwana uPhumzile ongumholi wophiko lwabesifazane ku IFP Women’s Brigade ubehambisana noMeya wasoLundi Wilson Ntshangase kanye noSekele Meya uGabi Madela, umama uMagdalena Hlengwa oyilungu lephalamende, ukhansela uKhulekani Zungu kanye namanye amakhansela kamasipala wasoLundi.
Lelithimba belihamba lifundisa uphakathi ngokuhlanzeka nokuzivikela kuleligciwane njengoba abantu bebetheleke ngezinkani oLundi Plaza ukuzohola imali yempesheni neyezibonelelo.
Lokhu kulandela umyalezo kaHulumeni onxenxa abantu ukuthi bahlale behlanzekile futhi bagweme ukuphumela ngaphandle izinsuku ezingama 21.
Idolobha lasoLundi beligcwele liphuphuma bezohola impesheni nezibonelelo zikaHulumeni kwazise kuphele inyanga. Yize noma kusekhona ingcosana engakalutholi ulwazi olwanele ngezinto okumele zenziwe ukuvikela ukuthelelana ngalesi sifo.

Also read: Long queues form at pension pay points

Ngesikhathi kwenzeka lokhu kugeziswa izandla ngama sanitiser, omunye ugogo wale waphetha ukugeza izandla ecabanga ukuthi ufakwa umuthi noma isalamuzi.
UGogo uMavis Sibiya (67) waseNhlungwane uthe sebeke bezwa ngalomkhuhlane okuthiwa icoronavirus emsakazweni, “Sisasilele emuva ekufundisweni ngalezinto ezenzeka ezweni ikakhulukazi thina esihlala emakhaya sizwa ngendaba.”
uZeblon Mthembu (70) waseWela uthe yena akazi nokuthi lidumephi, “Mina ngizoziholela impesheni yami ngithenge isaka lempuphu nokudla ngiyozondlela umndeni wami. Izifo ezinjena zazifika zendlule. Sikholwa ukuthi naso lesi sizodlula.” UMntwana uPhumzile uchaze wathi, “kubuhlungu ukubona abaningi bengafundisekile ngalesisifo, abanye bebebuza ukuthi kungani sibagcobisa amafutha abanye befuna ukugcobisa ebusweni; ubone nje ukuthi isenzima impilo endlini empisholo, sizobulawa ukungazi. Kodwa kuyachazwa emisakazweni nasemaphepheni ngalesisifo kowa angazi kuyaye kuvele kanjani kubantu bakithi ukuthi bangayinaki ngoba ukufa nokuphila lesifo.”
Usodolobha uNtshangase uye wachaza ukuthi umkhandlu ubuvele usunazo izinhlelo zokufundisa abantu ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya ngalolubhubhane.
“Njengomaspala sithe asifake isandla, sinqande ukusabalala kwaleligciwane. Sahlangana nabaholi bendabuko, senza izinhlelo nabo ukuthi ulwazi lusheshe lusabalale lufike kubantu ezindaweni ezisemakhaya. Senza ikomidi elifaka abaphathi abahlukene abavela kwamaspala lihambisana nabahlengikazi besibhedlela iNkonjeni ukuze kuqwashiswe, kuphinde kufundiswe abantu ngaleligciwane. Nakhona namuhla sisaqhubeka nolomkhankaso ukuthi abantu bazi ukuthi kumele bazigcine behlanzekile futhi baqhelelene okungenani amamitha amabili. Basebenzise amanzi anensipho ukuhlanza izandla noma basebenzise ama sanitizer futhi bahlale emakhaya,” kusho uNtshangase.

Mayor of Ulundi Local Municipality, Wilson Ntshangase distributes hand sanitiser to the elderly during a pension payout.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button