Local newsNews

Kubulawa amagciwane erenke yasoLundi

Indawo okuqalwe ngayo yi renke yamatekisi ehambela emphakathini wasoNdini, kuqhutshekelwe kulena yamabanga amade kanye namahholo omphakathi nokuhlanganisa izakhiwo zikaHulumeni.

Ukuhlanzwa kwezindawo ezihlanganisa abantu kube yinto eseqhulwini kumasipala wasoLundi njengoba uzama ukulwisana nokhuvethe iCovid-19.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iMeya uWilson Ntshangase ehambisana nethimba labeziNhlekelele kumasipala, Amaphoyisa, aboMnyango wezeMpilo kanye namasotsha.
Indawo okuqalwe ngayo yi renke yamatekisi ehambela emphakathini wasoNdini, kuqhutshekelwe kulena yamabanga amade kanye namahholo omphakathi nokuhlanganisa izakhiwo zikaHulumeni.

Also read: UMeya wasoLundi uvakashele eBabanango

IMeya UMnu uWilson Ntshangase uthe loluhlelo luqalwe namhlanje luzodlulela nakwezinye izakhiwo zikaHulumeni.
“Sikubone kubalulekile ukuthi sihlanze izindawo lapho kuhlangana khona isibalo sabantu abaningi ngesikhathi esisodwa. Amarenki, amahholo omphakathi, izakhiwo zikaHulumeni sizokuhlanza konke lokhu ngaphansi kwaloluhlelo. Sisaqhubeka nokushaya lelo khwela lokuthi abantu abahlale emakhaya behlanzekile futhi belandele imiyalelo kaHulumeni njengoba kuliwa naleligciwane le Corona”, kuchaza uNtshangase.

Municipal official fumigating Ulundi Taxi Rank.

 

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button