Local newsNewsVryheid Herald

Imeya yezingane Ondini inxusa kuphele ukuhlukunyezwa kwezingane

Imeya yezingane Ondini uSisanda Sithole(16) ofunda e Mbilane High School wenza u Grade 11 uzwakalise ilaka lakhe ngokukhathazeka kwakhe ngezimo ezibonakala ziqhubeka zenzeka ezinganeni.

Iviki lokusuka mhlaka Meyi 29 kuya ku mhlaka Juni 5 yisonto lokugqugquzela ukuvikelwa kwezingane namalungelo azo abonakala eshayeka indiva esikhathini samanje.

Isigameko sakamuva yilesi esenzeke eZondela kuWadi 22 nalapho kwahlukunyezwa kwabulawa amantombazanyana amabili nokwasolakala isoka likanina wazo elingazizali.

Imeya yezingane Ondini uSisanda Sithole(16) ofunda e Mbilane High School wenza u Grade 11 uzwakalise ilaka lakhe ngokukhathazeka kwakhe ngezimo ezibonakala ziqhubeka zenzeka ezinganeni. “Ukuhlukunyezwa kwezingane kufana nokuthungela ngomlilo izwe. Lokhu ngikusho ngoba izingane ziyikusasa lezwe. Kubuhlungu ukuzwa izigameko zokuthi kunengane ehlukunyeziwe ezinye zize zibulawe. Leliviki lokugqugquzela ukuvikelwa kwezingane libalulekile izinsuku zokuphila kwethu ngoba yinto efanele iqikelelwe ukuthi yenzeka njalo. Sinxusa wonke umuntu emphakathini, ekhaya nasezweni lonke ukuthi abavikele izingane, kuliwe nalesi sihlava esibi sokuhlukunyezwa kwezingane. Kuwumthwalo wami enginikezwe wona njengoMeya wezingane ukuba ngifinyelele ezindaweni ezahlukene sihambise ulwazi nezinhlaka zikaHulumeni ukuba kuyolulekwa izingane ngamalungelo azo kanye nokubalalela izinto eziningi ababhekana nazo emakhaya.”

IMenenja kamasipala uMnu Sandile Khomo uzwakalise amazwi okuzwelana nemindeni ebhekene nalobu bunzima.” Kuwumsebenzi wethu sonke ukuthi sivikele izingane. Lokhu akusho ukuthi kumele uvikele ingane ezalwa nguwe esiswini kepha yonke ingane ngoba sithembele kuzo ukuba zilekelele izwe lethu.”

IMeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase unxuse amaphoyisa ukuba aqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla ekuqiniseni ukuthi abenzi bobubi bayaboshwa baphinde bathole izigwebo ezibafanele.” Izingane lezi sibheke lukhulu kuzo, abaholi akusasa, izisebenzi zikaHulumeni nabanye. Siwumasipala wasOndini sizosebenzisana nazo zonke izinhlaka zikaHulumeni ukuqinisa ukuthi kuvikelwe izingane kuphinde kushunyayelwe lelivangeli lokuba kuliwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane baze babulawe nesibonakala siqhubeka sanda. ”

ALSO READ:‘Silwisana nokuhlukunyezwa kwabantu abadala’

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button