communityDundee CourierLocal news

Ikusasalethu kanye ne Pro-Nobis bakhangisa ngezimpahla abazithungayo kanye nomsebenzi wezandla

Ikusasalethu co-op kanye nesikole iPro-Nobis Special School bebekhangisa izimpahla abazithungayo kanye nemisebenzi yabo yezandla emcimbini wokubungaza abantu besifazane eLivangeli, eward 5.

Inhlangano yabesifazane abathunga izimpahla zokugqoka, Ikusasalethu co-op kanye nesikole iPro-Nobis Special School bebekhangisa izimpahla abazithungayo kanye nemisebenzi yabo yezandla emcimbini wokubungaza abantu besifazane eLivangeli, eward 5.
Lomcimbi ubuhlelwe uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphathi ngenhloso yokuthi ugqugquzele omama nabesifazane ukuthi badlale indima yabo ekuthuthukisweni komnotho wedolobha lethu kanye nokugqugquzela abesifazane ikakhulukazi abasebancane ukuthi basebenzise amakhono abo, futhi bazihluphe ngokufunda izinto ezintsha ezingasiza bona nemindeni yabo ukuxosha ikati eziko.



HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button