Akukho okundlula amandla omphakathi
Mhleli, Thina njengezakhamuzi zase Ndumeni siwukhombisile umkhombandlela wokuthi njengabakhokhi ntela, sifuna kwenzekeni kumasipala wethu. Ngamandla ethu sikwazile ukukhipha izimenenja ebezibambezela intuthuko. Naleyo menenja eyadla imali yempesheni kuzomele iyikhokhe. Sawamisa ama-tender omgwaqo kanye nama giza obekuzozuza amakhansela athize kanye nezisebenzi zikamasipala. Sithi nala makhansela asafuna ukuphila ngomkhomyovu adle izimali zomphakathi sizowaphoqa noma kanjani ukuthi ashiye. Kanjalo …
Mhleli,
Thina njengezakhamuzi zase Ndumeni siwukhombisile umkhombandlela wokuthi njengabakhokhi ntela, sifuna kwenzekeni kumasipala wethu. Ngamandla ethu sikwazile ukukhipha izimenenja ebezibambezela intuthuko. Naleyo menenja eyadla imali yempesheni kuzomele iyikhokhe. Sawamisa ama-tender omgwaqo kanye nama giza obekuzozuza amakhansela athize kanye nezisebenzi zikamasipala. Sithi nala makhansela asafuna ukuphila ngomkhomyovu adle izimali zomphakathi sizowaphoqa noma kanjani ukuthi ashiye. Kanjalo nezimenenja ezizihlomisa ngama-tender nazo sizibheke ngeso lokhozi. Sifuna lo mkhandlu ukuba uqashe ngokuba ulandele imigomo efanele. Mphakathi wakithi ngithi amandla alele kithina ukuba sizilungisele umasipala wethu sisebenzisana namakhansela angenayo inkohlakalo.
Okhathazekile eNdumeni



